Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 9:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Vuka, Jehova! Mawungavumi ukuba abantu bahlule; abezizwe mabahlulelwe ebusweni bakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Vuka, Simakade! Ungavumi ukuqonelwa ngabantu. Izizwe mazehlulelwe phambi kwakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Vuka, Jehova; ungavumeli umuntu akhungatheke; abezizwe makwahlulwe phambi kwamehlo enu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 9:19
23 Referans Kwoze  

Vuka, Jehova, ungisindise, Nkulunkulu wami, ngokuba zonke izitha zami uzishayile emhlathini, amazinyo ababi uwaphulile.


Sukuma, usisize, usihlenge ngenxa yomusa wakho.


Vuka, Nkosi! Ulaleleni na? Vuka, ungasilahli njalonjalo.


Vuka, Jehova! Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho, ungakhohlwa abahluphekileyo.


Sukuma, Jehova, ngentukuthelo yakho, uvuke ngenxa yolaka lwezitha zami, ungimele; ngokuba uyalezile ukwahlulela.


Ngalokho, ngilindeleni,” usho uJehova, “kuze kube lusuku engivuka ngalo ukuba ngiphange, ngokuba kuyisinqumo sami ukubutha izizwe ukuba ngiqoqe imibuso, ukuze ngithulule phezu kwabo intukuthelo yami, lonke ulaka lwami oluvuthayo, ngokuba wonke umhlaba uyakudliwa ngumlilo womhawu wami.


Vuka, vuka, wembathe amandla wena mkhono kaJehova, vuka njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zamandulo. Akusuwe owamnquma kabili uRahabi, wamgwaza udrako,* na?


ukuba benze impindiselo kubo abezizwe nezijeziso kubantu,


Thela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo naphezu kwemibuso engakhulekeli igama lakho.


Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo; yena uyakuzibusa ngentonga yensimbi; yena uqobo uyanyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.


Uma umndeni waseGibithe ungakhuphuki uze ufike, ayiyikuba naphezu kwawo; kepha kuyakuba khona ukushaywa uJehova ayakushaya ngakho izizwe ezingakhuphuki ukugubha umkhosi wamadokodo.


Ngiyakwenza impindiselo ngentukuthelo nangokufutheka kuzo izizwe ezingalalelanga.”


“Mabazivuse abezizwe, benyukele esigodini sikaJehoshafati, ngokuba ngahlulele bonke abezizwe nxazonke.


Thulula ukufutheka kwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho, ngokuba bamdlile uJakobe; yebo, bamdlile bamqeda, balichitha ikhaya lakhe.


Vusa amandla akho phambi kuka-Efrayimi noBenjamini noManase, uze ukusisindisa.


U-Asa wakhala kuJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, akakho ngaphandle kwakho ongasiza phakathi konamandla amakhulu nongenawo; sisize, Jehova Nkulunkulu wethu, ngokuba sencika kuwe, sifike ngegama lakho kulesi sixuku. Jehova, wena unguNkulunkulu wethu, mawungahlulwa muntu.”


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kepha ababi bayakuthuliswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakwahlula ngamandla.


Wathi: “Igama lakho alisayikuthiwa uJakobe, kepha u-Israyeli,* ngokuba ulwile noNkulunkulu nabantu, wanqoba.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite