Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 9:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Yiba nomusa kimi, Jehova; kubone engihlupheka ngakho ngabangizondayo wena ongiphakamisa emasangweni okufa,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Yiba nesihawu kimi, Simakade. Bona ukuhlupheka kwami abangilethela khona abangizondayo. Nguwe ongiphakamisa ngilengela egodini lokufa,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Yiba nomusa kimi, Jehova; bheka usizi lwami engihlupheka ngalo kwabangizondayo, wena ongiphakamisa emasangweni okufa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 9:13
24 Referans Kwoze  

Ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwami, ukhululile umphefumulo wami endaweni yabafileyo ephansi.


Jehova, umphefumulo wami uwukhuphulile endaweni yabafileyo, wangiphilisa phakathi kwabashona emgodini.


Bonke abantu balo bayabubula, befuna isinkwa sabo; banika okumnandi kwabo ngokudla ukuba babuyise umphefumulo. Bheka, Jehova, ubhekisise, ngokuba ngiyadelelwa.


Ukungcola kwalo kwakusemaphethelweni alo, alikhumbulanga ukuphela kwalo; lehlile ngokumangalisayo, alinamduduzi. Bheka, Jehova, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sizikhulisile.


Ngathi: “Ngiphakathi nezinsuku zami ngiyakungena emasangweni endawo yabafileyo, ngaphuciwe inxenye yeminyaka yami.”


Lalela ukukhala kwami, ngokuba ngicindezelekile kakhulu; ngikhulule kubo abangizingelayo, ngokuba banamandla kunami.


Bheka ukuhlupheka kwami, ungikhulule, ngokuba angikhohlwa umthetho wakho.


Bheka kimi, ube nomusa kimi njengokufanele abathanda igama lakho.


Ngokuba uwukhululile umphefumulo wami ekufeni nezinyawo zami ekuweni, ukuze ngihambe ebusweni bukaNkulunkulu ekukhanyeni kwabaphilayo.


Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho; yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.


Kepha izitha zami ziphilile, zinamandla; baningi abangizonda ngeze.


Bheka izitha zami, ngokuba ziningi; ziyangizonda ngenzondo yonya.


Bheka neno, ungiphendule, Jehova Nkulunkulu wami; khanyisa amehlo ami, ngize ngingalali ubuthongo bokufa,


“Ngalokho, Nkulunkulu wethu, Nkulunkulu omkhulu onamandla owesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa, yonke le nkathazo mayingabi ncane ebusweni bakho esificile thina, namakhosi ethu, nezikhulu zethu, nabapristi bethu, nabaprofethi bethu, nawobaba, nabo bonke abantu bakho, kusukela esikhathini samakhosi ase-Asiriya kuze kube namuhla.


Kwakukhona lapho izimbiza zamatshe eziyisithupha zibekwe ngesiko lokuhlamba labaJuda, ziphethe yileso naleso izilinganiso ezimbili noma ezintathu.


Umphefumulo wabo wenyanya konke ukudla; basondela emasangweni okufa.


Wayesethi uJehova kuKayini: “Uphi umfowenu u-Abela na?” Wathi: “Angazi; ngingumlindi womfowethu na?”


Khona wathi: “Wenzeni na? Izwi legazi lomfowenu liyakhala kimi lisemhlabathini.


Uyakukhuluma kuye ngokuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Usubulele, wadla isizi na?’ Bese wukhuluma kuye ngokuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Endaweni lapho izinja zaxhapha khona igazi likaNaboti, izinja ziyakuxhapha negazi lakho, yebo, elakho.’ ”


lokuthi: ‘Impela ngibone izolo igazi likaNaboti negazi lamadodana akhe, usho uJehova; ngiyakukuphindisela kulesi siqephu, usho uJehova.’ Ngalokho mthathe, umntshinge kulesi siqephu njengezwi likaJehova.”


UJowashi, inkosi, akakhumbulanga umusa uJehoyada amenzele wona, wabulala indodana yakhe. Ekufeni kwakhe wathi: “UJehova makakubone lokhu, akuphindisele.”


Vuka, Jehova! Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho, ungakhohlwa abahluphekileyo.


Amazwi kaJehova angamazwi ahlanzekileyo, anjengesiliva elihlanjululwe esithandweni emhlabathini, lihlanjululwe kasikhombisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite