Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 9:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Nabalaziyo igama lakho bayakwethemba wena; ngokuba wena Jehova awubashiyi abakufunayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Abalaziyo igama lakho bethembela kuwe; Simakade awubalahli labo abakufunayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Abalaziyo igama lakho bayakwethemba wena, ngokuba wena Jehova awubashiyanga abakufunayo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 9:10
24 Referans Kwoze  

Ngenxa yokuba enamathele kimi, ngakho ngiyamkhulula; ngiyamphakamisa ngokuba elazi igama lami.


Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.


Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.


Kepha mabajabule bonke abathemba kuwe, bahalalise kuze kube phakade, abathanda igama lakho bethabela kuwe.


ngaleso sizathu ngiyahlupheka nangalokhu, kepha anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa nguye, ngiyethemba ukuthi unamandla okulonda lokho engikubekile kuye, kuze kube yilolo suku.


Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.


Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu; yiba nomusa kimi. Ngokuba umphefumulo wami uphephela kuwe; ngifuna ukukhosela ethunzini lamaphiko akho, zize zidlule izinhlupheko.


Ngokuba uJehova uthanda ukulunga, akabashiyi abangcwele bakhe; bayalondolozwa kuze kube phakade, kepha inzalo yababi iyachithwa.


Ngokuba uNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye,” nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu.


“Wena Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.


Angikhulumanga ekusithekeni, endaweni emnyama emhlabeni; angishongo enzalweni kaJakobe ukuthi: ‘Ngifuneni ngeze.’ Mina Jehova ngikhuluma ukulunga, ngimemezela okuqotho.


Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena, uma sigcina imiyalo yakhe.


uNkulunkulu uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo nesiphephelo sami; msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni.


Ukusindiswa kwabalungileyo kuvela kuJehova; uyinqaba yabo esikhathini sokuhlupheka.


Ngokuba ubuyinqaba kwabampofu, inqaba kwabaswelayo ekucindezelweni kwabo, isiphephelo esivunguvungwini, umthunzi ekubaleleni, ngokuba umoya waba nonya, unjengesivunguvungu odongeni,


UJehova muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko, uyabazi abaphephela kuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite