Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 9:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngiyakumbonga uJehova ngayo yonke inhliziyo yami; ngiyakulanda zonke izimangaliso zakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ngiyakumbonga uSimakade ngenhliziyo yami yonke; ngilande ngazo zonke izimangaliso zakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Ngiyakukubonga, Jehova, ngayo yonke inhliziyo yami; ngizakwazisa zonke izimangaliso zakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 9:1
22 Referans Kwoze  

Ngiyakukubonga, Nkosi Nkulunkulu wami, ngenhliziyo yonke yami, ngidumise igama lakho kuze kube phakade.


Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe, izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.


Haleluya! Ngiyakubonga uJehova ngenhliziyo yami yonke emhlanganweni nasebandleni labaqotho.


ukuba ngizwakalise izwi lokudumisa, ngilande ngazo zonke izimangaliso zakho.


Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.


laba bantu engizenzele bona ukuba bashumayele udumo lwami.


Ngizakumbonga uJehova ngokokulunga kwakhe, ngihubele igama likaJehova oPhezukonke.


Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo, nezibonakaliso zakhe, nezahlulelo zomlomo wakhe,


Ngiyakukubonga ngenhliziyo yami yonke; phambi kwawonkulunkulu ngiyakukuhubela.


Nkosi, vula izindebe zami, ukuze umlomo wami ulande ngodumo lwakho.


Saphendula sathi: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho, nangayo yonke ingqondo yakho, nomakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”


Bahlabelela igama likaMose inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho wena Nkosi yezizwe;


Uyakusho ngalolo suku ukuthi: “Ngiyakubonga, Jehova, ngokuba wangithukuthelela, kepha intukuthelo yakho isibuyile, uyangiduduza.


Ubuningi bamakamela buyakukusibekela, amakamela amasha akwaMidiyani nase-Efa; bonke abaseSheba bayakuza, balethe igolide nenhlaka, bamemezele izindumiso zikaJehova.


Ngubani ongalanda izenzo zamandla zikaJehova, azwakalise lonke udumo lwakhe, na?


ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho, ngethabe ngokusindisa kwakho emasangweni endodakazi yaseSiyoni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite