Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 89:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emhlanganweni wabangcwele; umelwe ukuhlonishwa yibo bonke abangakuye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emkhandlwini wabangcwele, umelwe ukuhlonishwa kakhulu yibo bonke abamzungezileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UNkulunkulu uyesabeka kakhulu ebandleni labangcwele futhi uyadunyiswa yibo bonke abamzungezile.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 89:7
17 Referans Kwoze  

Ngokuba uJehova oPhezukonke uyesabeka; uyinkosi enkulu phezu komhlaba wonke.


Ngubani ongekwesabe, Nkosi yezizwe, ngokuba uyimfanelo yakho, ngokuba phakathi kwabo bonke abahlakaniphileyo bezizwe nakuyo yonke imibuso yabo akakho onjengawe.


Ukwesaba okukhulu kwalehlela ibandla lonke nabo bonke abezwa lokho.


Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.


Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso, unguNkulunkulu ophilileyo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama, izizwe azinakuma ngokufutheka kwakhe.


Zonke lezi zinto zenziwe yisandla sami, kwavela kanjalo konke lokhu,” usho uJehova. “Kepha yilowo engiyakubheka kuye: ohluphekayo nonomoya ochobozekileyo, othuthumela ngezwi lami.


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho uJehova akukhuluma, ethi: “ ‘Kubo abaseduze nami ngiyakungcweliswa, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.


Mnikeni uJehova, nina madodana kaNkulunkulu, mnikeni uJehova udumo namandla.


Phakathi kwawonkulunkulu akakho onjengawe Nkosi; akukho okunjengemisebenzi yakho.


Ngubani onjengoJehova uNkulunkulu wethu, ohlezi phezulu,


Niyakumfanisa uNkulunkulu nobani, nimlinganise namuphi umfanekiso, na?


“Niyakungifanisa nobani ukuba ngifane naye?” usho oNgcwele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite