Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 89:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Izimangaliso zakho, Jehova, ziyadunyiswa ngamazulu, ukuthembeka kwakho ebandleni labangcwele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Simakade, izimangaliso zakho ziyodunyiswa ngamazulu, ukwethembeka kwakho, ebandleni labangcwele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Amazulu azadumisa izimangaliso zakho, Jehova, lawe ugane ebandleni labangcwele.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 89:5
24 Referans Kwoze  

Amazulu ashumayela ukulunga kwakhe; izizwe zonke zibona inkazimulo yakhe.


Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova, nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.


Thokozani, mazulu, ngokuba uJehova ukwenzile, nijabule nina zindawo eziphansi zomhlaba, niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba, nawe hlathi nayo yonke imithi ekuwe, ngokuba uJehova umhlengile uJakobe, ngokuhlabelela wazidumisa ngo-Israyeli.


Izulu lishumayela ukulunga kwakhe, ngokuba uNkulunkulu ungumahluleli. Sela*


abambulelwe ukuba bangazikhonzi bona kepha nina ngalezo zinto enishunyayezwa zona manje ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, izinto ezizifisayo izingelosi ukuzibona.


aniphe nina enihluphekayo ukuphumula kanye nathi ekwambulweni kweNkosi uJesu, evela ezulwini, enezingelosi zamandla akhe,


ukuze imibuso nabanamandla emazulwini baziswe manje ngebandla ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu,


Umnonjana womlilo wavela, waphuma phambi kwakhe; izinkulungwane zenkulungwane zazimkhonza, nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumi zazimi ngaphambi kwakhe; kwahlala abahluleli, izincwadi zavulwa.


UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emhlanganweni wabangcwele; umelwe ukuhlonishwa yibo bonke abangakuye.


“Ake umemeze; ukhona okuphendulayo na? Uyakuphendukela kumuphi kwabangcwele na?


“UJehova wavela eSinayi, wabaphumela evela eSeyiri, wanyampuza entabeni yasePharanu, weza ephuma ezigidini zendawo engcwele; ngakwesokunene sakhe kwavutha umlilo.


Kuyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelele ukuba uye koyihlo, ngiyakumisa inzalo yakho emva kwakho, eyakuba ngeyamadodana akho; ngiyakuqinisa umbuso wayo.


Yiyo eyakungakhela indlu; ngiyakuqinisa isihlalo sayo sobukhosi kuze kube phakade.


Khona ngiyakulidumisa igama lakho kuze kube phakade, ukuze ngigcwalise izithembiso zami imihla ngemihla.


“Uma abantwana bakhe beshiya umthetho wami bengahambi ngezahlulelo zami,


Iyakuma phakade njengenyanga nanjengofakazi othembekileyo osemafwini.” Sela*


UJehova ufungile kuDavide ngeqiniso, akabuyi kukho, ethi: “Owenzalo yomzimba wakho ngiyakumbeka esihlalweni sakho sobukhosi.


Ngokuba sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite