Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 89:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngokuba ngithe: “Umusa uyakwakhiwa kuze kube phakade; ezulwini uyaqinisa ukuthembeka kwakho.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Ngimemezele ngithi: “Umusa wakho umi ingunaphakade, ukwethembeka kwakho ukuqinise emazulwini.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngokuba ngathi: Umusa uyakwakhiwa kuze kube phakade; Ukuthembeka kwakho kuyakukuqinisa ezulwini.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 89:2
16 Referans Kwoze  

Jehova, ububele bakho bufinyelela ezulwini, nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.


Isihawu sakhe sikuzo izizukulwane ngezizukulwane kubo abamesabayo.


Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,


ukuze ngezinto ezimbili ezingeguquleke, uNkulunkulu angeqambe amanga ngazo, sibe nenduduzo enamandla thina esibalekele ekulibambeni ithemba esilimiselweyo,


Iyakuma phakade njengenyanga nanjengofakazi othembekileyo osemafwini.” Sela*


Izimangaliso zakho, Jehova, ziyadunyiswa ngamazulu, ukuthembeka kwakho ebandleni labangcwele.


Nokho ngomusa wakho omkhulu awubaqothulanga, awubashiyanga, ngokuba unguNkulunkulu onomusa nobumnene.


owenzile izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okuphakathi kwakho, ogcina iqiniso kuze kube phakade;


Kuze kube phakade, Jehova, izwi lakho limi liqinile ezulwini.


Njengendluzele ilangazelela amanzi emifula, kanjalo umphefumulo wami ulangazelela wena Nkulunkulu.


benqaba ukulalela, abakhumbulanga izimangaliso zakho owazenza phakathi kwabo, kepha benza lukhuni izintamo zabo, nangokuhlubuka kwabo bamisa induna ukuba babuyele ebugqileni babo; kodwa wena unguNkulunkulu othethelelayo, onomusa nesihe; wephuza ukuthukuthela, ugcwele isihawu; kawubashiyanga.


ngathi: “Ngiyanxusa, Jehova Nkulunkulu wezulu, wena Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa nabakuthandayo nabagcina imiyalo yakho,


uNkulunkulu akasiye umuntu ukuba aqambe amanga, nandodana yomuntu ukuba azisole; ushilo, angayikukwenza, na? Ukhulumile, angayikukuphelelisa, na?


Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.


Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho; umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite