Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 89:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Inyakatho neningizimu wakudala wena; iThabori neHermoni kuyajabula egameni lakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Nguwe owadala inyakatho neningizimu, iThabhori neHermoni kuyathokoza egameni lakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Nguwena owadala inyakatho neningizimu: iThabori neHermoni ayakujabula egameni lakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 89:12
16 Referans Kwoze  

Welula inyakatho phezu kwendawo engenalutho; uphanyeka umhlaba phezu kweze.


umkhawulo wafinyelela eThabori, naseShahasuma, naseBeti Shemeshi; ukuphuma komkhawulo wabo kwakuseJordani, imizi iyishumi nesithupha nemizana yayo.


Lawa angamakhosi ezwe anqotshwa ngabantwana bakwa-Israyeli, belidla izwe lawo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, kusukela esigodini sase-Arinoni kuze kube sentabeni yaseHermoni, nalo lonke i-Araba ngasempumalanga:


Kufana namazolo aseHermoni ehlela ezintabeni zaseSiyoni. Ngokuba uJehova wayaleza khona isibusiso, yebo, ukuphila kuze kube phakade.


Imifula mayishaye ihlombe, izintaba zihalalise kanyekanye


Bamtshela uSisera ukuthi uBaraki indodana ka-Abinohama ukhuphukele entabeni yaseThabori.


Wathuma wabiza uBaraki indodana ka-Abinohama waseKedeshi Nafetali, wathi kuye: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akayalanga yini ngokuthi: ‘Hamba usondele entabeni yaseThabori, uye nabantu abayizinkulungwane eziyishumi babantwana bakwaNafetali nabantwana bakwaZebuloni, na?


“Kuphila kwami,” isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti, “impela njengeThabori phakathi kwezintaba, nanjengeKarmeli ngaselwandle, kanjalo uyakufika.


Jabulani nina mazulu, uthokoze nawe mhlaba, niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba, ngokuba uJehova ududuza abantu bakhe, abe nomusa kwabahluphekileyo bakhe.


Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo, izwe nabakhileyo kulo.


Ngokuba yena wawusekela phezu kwezilwandle, wawumisa phezu kwemifula.


Izulu liyizulu likaJehova, kepha umhlaba wawunika abantwana babantu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite