Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 89:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngiyakuhlabelela ngomusa kaJehova kuze kube phakade, ngomlomo wami ngazise izizukulwane ngezizukulwane ukuthembeka kwakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ngizohlabelela ngomusa kaSimakade kuze kube phakade, ngomlomo wami, ngazise izizukulwane ngezizukulwane ukwethembeka kwakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngiyakuhlabelela ngomusa kaJehova kuze kube phakade; ngomlomo wami ngiyakumemezela ukuthembeka kwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 89:1
24 Referans Kwoze  

Ngizakuhlabelela ngomusa nokwahlulela, ngikudumise wena Jehova.


Ezizukulwaneni ngezizukulwane ukuthembeka kwakho kukhona; wamisa umhlaba; usemi.


Busha ekuseni njalo; ukuthembeka kwakho kukhulu.


Jehova Nkulunkulu Sebawoti, ngubani onjengawe na? Unamandla, Jehova, nokuthembeka kwakho kuyakuhaqa.


Kepha umusa wami angiyikuwususa kuye, ngingaphikisi ukuthembeka kwami.


Jehova, ububele bakho bufinyelela ezulwini, nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.


ethembeni lokuphila okuphakade uNkulunkulu ongaqambi amanga akwethembisa phambi kwezikhathi zaphakade,


Haleluya! Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Nkosi, uphi umusa wakho wakuqala owawufungela kuDavide ngokuthembeka kwakho na?


ukushumayela umusa wakho ekuseni nokuthembeka kwakho ebusuku,


Umlomo wami uzakugcwala ukubonga wena, nalo udumo lwakho usuku lonke.


Ukuthembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye; egameni lami luyakuphakama uphondo lwakhe.


Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho, ngethabele umusa wakho ekuseni, ngokuba uyinqaba yami, nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami.


Uyakunika uJakobe ukuthembeka no-Abrahama umusa owakufungela obaba kwasezinsukwini zasendulo.


Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa, ngidumise igama lakho, ngokuba wenzile izimangaliso, namasu asendulo, nokuthembeka, neqiniso.


Kuyalandiswa yini ethuneni ngomusa wakho, nangokuthembeka kwakho endaweni yokubhujiswa na?


Amadodana kaZera: ngoZimri, no-Ethani, noHemani, noKalikoli, noDara, eyisihlanu onke.


Ngokuba wayehlakaniphile kunabo bonke abantu: kuno-Ethani umEzra, noHemani, noKalikoli, noDarda amadodana kaMaholi, negama lakhe lalisezizweni zonke nxazonke.


USolomoni wamnika uHiramu amakhora* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili kakolweni, ukudla kwabendlu yakhe, namakhora angamashumi amabili amafutha akhanyiweyo; uSolomoni wamnika kanjalo uHiramu iminyaka ngeminyaka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite