AmaHubo 86:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE8 Phakathi kwawonkulunkulu akakho onjengawe Nkosi; akukho okunjengemisebenzi yakho. Gade chapit laIsiZulu 20208 Phakathi kwabo bonke onkulunkulu, akekho onjengawe, Nkosi, akukho okunjengemisebenzi yakho. Gade chapit laContemporary Zulu Bible 20248 Phakathi konkulunkulu akakho onjengawe, Nkosi; futhi ayikho imisebenzi efana nemisebenzi yakho. Gade chapit la |
UNkulunkulu wake walinga yini ukuhamba eyozithabathela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uJehova uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibithe phambi kwamehlo enu, na?
Bheka, ngiyakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu ukuba ngimngcwelisele yona, ngishise phambi kwakhe impepho ethaphukayo, kubekwe njalo izinkwa zokubukwa, kunikelwe ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo kaJehova uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho kwa-Israyeli kuze kube phakade.