Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 86:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Phakathi kwawonkulunkulu akakho onjengawe Nkosi; akukho okunjengemisebenzi yakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Phakathi kwabo bonke onkulunkulu, akekho onjengawe, Nkosi, akukho okunjengemisebenzi yakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Phakathi konkulunkulu akakho onjengawe, Nkosi; futhi ayikho imisebenzi efana nemisebenzi yakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 86:8
16 Referans Kwoze  

“Ngubani onjengawe Jehova phakathi kwawonkulunkulu; ngubani onjengawe okhazimula ngobungcwele, owesabeka ngezibongo, owenza izimangaliso, na?


‘Nkosi Jehova, uqalile ukubonisa inceku yakho ubukhulu bakho nesandla sakho esinamandla, ngokuba ngumuphi unkulunkulu ezulwini nasemhlabeni ongenza njengemisebenzi yakho nanjengezenzo zakho zamandla na?


Ngokuba ngubani osemafwini ongalinganiswa noJehova na? Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu ongafaniswa noJehova na?


Ngalokho ngikhipha isimemezelo sokuba bonke abantu, nezizwe, nezilimi ezikhuluma okungafanele ngoNkulunkulu wawoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego ziyakuhlahlelwa, izindlu zazo zenziwe iquba, ngokuba akakho omunye unkulunkulu ongophula ngale ndlela.”


Jehova Nkulunkulu Sebawoti, ngubani onjengawe na? Unamandla, Jehova, nokuthembeka kwakho kuyakuhaqa.


Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo, ngokuba nguye obumbile konke; u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe, nguJehova Sebawoti igama lakhe.


“Niyakungifanisa nobani ukuba ngifane naye?” usho oNgcwele.


UNkulunkulu wake walinga yini ukuhamba eyozithabathela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uJehova uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibithe phambi kwamehlo enu, na?


Niyakumfanisa uNkulunkulu nobani, nimlinganise namuphi umfanekiso, na?


yona engoyedwa owenza izimangaliso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


U-Aroni wayeselula isandla sakhe phezu kwamanzi aseGibithe; amasele akhuphuka-ke, asibekela izwe laseGibithe.


Bheka, ngiyakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu ukuba ngimngcwelisele yona, ngishise phambi kwakhe impepho ethaphukayo, kubekwe njalo izinkwa zokubukwa, kunikelwe ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo kaJehova uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho kwa-Israyeli kuze kube phakade.


UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emhlanganweni wabangcwele; umelwe ukuhlonishwa yibo bonke abangakuye.


Ngokuba uJehova unguNkulunkulu omkhulu, uyinkosi enkulu phezu kwawonkulunkulu bonke.


Impela ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu nokuthi iNkosi yethu iphezu kwabo bonke onkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite