Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 86:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Londoloza umphefumulo wami, ngokuba ngingoqotho; wena Nkulunkulu wami, sindisa inceku yakho ekwethembayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Londoloza umphefumulo wami, ngokuba ngingoqotho; Wena Nkulunkulu wami, sindisa inceku yakho ekwethembayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Londoloza umphefumulo wami; ngoba mina ngingcwele; O Nkulunkulu wami, sindisa inceku yakho ethembela kuwe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 86:2
23 Referans Kwoze  

Yazini ukuthi uJehova uzahlukanisele omesabayo; uJehova uyezwa lapha ngikhala kuye.


Nkulunkulu wami, ngiyethemba kuwe; mawungangijabhisi; izitha zami mazingethabi ngami.


Angisekho ezweni mina, basezweni bona, mina ngiza kuwe. Baba ongcwele, bagcine egameni lakho labo ongiphe bona, ukuze babe munye njengathi.


Ngingowakho, ngisindise, ngokuba ngiyafuna iziyalezo zakho.


Ithemba lami ngilibeka kuwe Jehova; mawungangijabhisi naphakade; ngikhulule ngokulunga kwakho.


Wangiphumisela endaweni ebanzi; wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.


Ngilondoloze, Nkulunkulu, ngokuba ngiyaphephela kuwe.


Kepha ngiwuthembile umusa wakho; inhliziyo yami izakwethaba ngensindiso yakho;


Ngakho uhawukela lowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.


Uma umuntu engikhonza, akangilandele; nalapha ngikhona mina, soba khona nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa lowo.


Zinqume izitha zami ngomusa wakho, ubabhubhise bonke abahlupha umphefumulo wami, ngokuba ngiyinceku yakho.


“Buthelani kimi abangcwele bami abenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.”


Ngokuba uJehova uthanda ukulunga, akabashiyi abangcwele bakhe; bayalondolozwa kuze kube phakade, kepha inzalo yababi iyachithwa.


Kepha mina ngithemba wena Jehova; ngithi: “UnguNkulunkulu wami.”


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kepha ababi bayakuthuliswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakwahlula ngamandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite