Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 86:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Kepha wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, onomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokuthembeka.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, unomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokwethembeka.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kodwa wena, Nkosi, unguNkulunkulu olesihawu lomusa, obekezelayo, omkhulu ngobubele leqiniso.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 86:15
21 Referans Kwoze  

U-Israyeli makamethembe uJehova, ngokuba umusa ukuJehova, nokukhulula okuningi kukuye.


UJehova unobubele nesihawu; wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa.


esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe


Ngokuba wena, Nkosi, umuhle, ungothethelelayo, unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.


Niklebhule inhliziyo yenu, hhayi izingubo zenu, niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu, ngokuba yena unomusa, unobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu, uhawukela nomubi.


UJehova unesihe nobumnene; uyephuza ukuthukuthela, mkhulu ngomusa.


benqaba ukulalela, abakhumbulanga izimangaliso zakho owazenza phakathi kwabo, kepha benza lukhuni izintamo zabo, nangokuhlubuka kwabo bamisa induna ukuba babuyele ebugqileni babo; kodwa wena unguNkulunkulu othethelelayo, onomusa nesihe; wephuza ukuthukuthela, ugcwele isihawu; kawubashiyanga.


Ngubani onguNkulunkulu onjengawe othethelela insali yefa lakho ububi bayo, uyiyekele isiphambeko sayo, na? Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade, ngokuba wenamela umusa.


Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso, kwangane ukulunga nokuthula.


Wenzele izimangaliso zakhe isikhumbuzo; uJehova unomusa nobubele.


Ukhumbulile umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu ka-Israyeli; imikhawulo yonke yomhlaba ibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.


‘UJehova uyephuza ukuthukuthela, uvame umusa, uthethelela ububi neziphambeko, angayekeli nokho onecala, kepha ahambele ububi bawoyise kubantwana, kuze kube sezizukulwaneni sesithathu nesesine.’


Kepha ukuthethelela kukuwe, ukuze wesatshwe.


Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.


UJehova wadlula phambi kwakhe, wamemeza wathi: “NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso,


UDavide wathi kuGadi: “Nginosizi kakhulu; mangiwele esandleni sikaJehova, ngokuba umusa wakhe mkhulu kakhulu; kepha esandleni somuntu mangingaweli kuso.”


Wakhuleka kuJehova, wathi: “Ngiyakuncenga, Jehova; lokho kwakungesilo izwi lami ngisekhona ezweni lakithi na? Ngalokho ngakwandulela ngokubalekela eTharishishi, ngokuba ngiyazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu, uzisola ngokubi;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite