Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 86:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngifundise, Jehova, indlela yakho; ngiyakuhamba eqinisweni lakho; yenza inhliziyo yami iqonde ntonye, yesabe igama lakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Simakade, ngifundise indlela yakho, ngizohamba eqinisweni lakho. Inhliziyo yami yenze iqonde into eyodwa vo, yesabe igama lakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngifundise indlela yakho, Jehova; ngiyakuhamba eqinisweni lakho; hlanganisa inhliziyo yami ukuba yesabe iGama lakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 86:11
27 Referans Kwoze  

Jehova, ngihole ngokulunga kwakho ngenxa yezitha zami, ulungise indlela yakho phambi kobuso bami.


Ngitshengise, Jehova, indlela yezimiso zakho; ngiyakuyigcina kuze kube sekupheleni.


Ngumuphi umuntu omesaba uJehova na? Nguyena oyakufundiswa nguye indlela ayakuyikhetha.


Lokhu engingakuboni, ngifundise khona; uma ngenzile okubi, angisayikukuphinda.’


Ngifundise indlela yakho, Jehova, ungihole endleleni ekhanyayo ngenxa yezitha zami.


Ngokuba ububele bakho buphambi kwamehlo ami; ngihamba eqinisweni lakho.


Ngithokozile kakhulu, ngokuba kubantwana bakho ngifumene abahamba eqinisweni, njengalokho samukele umyalo kuBaba.


Izandla zakho zingenzile, zangibumba; ngiphe ingqondo, ukuze ngifunde imiyalo yakho.


Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.


uma-ke nimzwile nafundiswa kuye, njengokuba iqiniso likuJesu,


Ningesiphuze isitsha seNkosi kanye nesitsha samademoni; ningelihlanganyele itafula leNkosi kanye netafula lamademoni.


Umthetho weqiniso wawusemlonyeni wakhe, nobubi babungatholwa ezindebeni zakhe; wahamba nami ngokuthula nangobuqotho, wabuyisa abaningi ebubini.


Kepha ohlangene neNkosi ungumoya munye nayo.


Ngikhethile indlela yeqiniso; izahlulelo zakho ngizibekile phambi kwami.


Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo,


nabakhuleka kulo ibandla lasezulwini phezu kwezindlu, nabakhuleka kuJehova bemfunga, befunga futhi uMilkomu,


Efrayimi, ngisenendabani nezithombe na? Mina ngiyakumphendula, ngimbheke; nginjengomsayipuresi* oluhlaza, kimina izithelo zakho ziyafunyanwa.”


Kepha nginovalo lokuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zingadukiswa, ziyeke ubuqotho nobumhlophe ngakuKristu.


Inhliziyo yabo yayahlukene; uyakuwaphula ama-altare abo, achithe izinsika zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite