Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 84:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Babusisiwe abahlala endlini yakho; bayakuhlala bebonga wena. Sela*

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Babusisiwe abahlala endlini yakho; bayakuhlala bebonga Wena. Sela

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Babusisiwe abahlala endlini yakho; basazokudumisa. Sela.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 84:4
13 Referans Kwoze  

Ubusisiwe omkhethayo wena, omsondezayo ukuba ahlale emagcekeni akho; siyakusutha ngokuhle kwendlu yakho, ithempeli lakho elingcwele.


Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami; ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.


Kunye engikucele kuJehova, ngiyakufuna khona: ukuba ngihlale endlini kaJehova izinsuku zonke zokuphila kwami ukubona ubuhle bukaJehova, ngibuke ithempeli lakhe.


Umlomo wami uzakugcwala ukubonga wena, nalo udumo lwakho usuku lonke.


Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? Methembe uNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa yena oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.


Umlomo wami uyakukhuluma udumo lukaJehova, inyama yonke ibonge igama lakhe elingcwele kuze kube phakade.


Umlomo wami uyakulanda ukulunga kwakho, nensindiso yakho lonke usuku; ngokuba anginakukubala.


Ngalokho-ke baphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu bemkhonza imini nobusuku ethempelini lakhe, nohlezi esihlalweni sobukhosi uyakumisa itabernakele* phezu kwabo.


Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? Methembe uNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa ngokusindisa kobuso bakhe.


Jehova, ekuseni uyalizwa izwi lami; ekuseni ngiyakuzibika kuwe, ngilinde.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite