Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 84:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; Akayikubagodlela okuhle abahamba ngobuqotho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 84:11
29 Referans Kwoze  

Uyabekela abaqotho isibusiso, uyihawu kwabahamba bengenacala,


Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.


UNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKristu Jesu.


Yebo, uJehova uyakuveza okuhle; izwe lethu liyakuthela izithelo zalo.


Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka, kepha ohlanekezela izindlela zakhe uyakwaziwa.


Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu.


Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.”


Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.


Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lithi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”


Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo; niyakuphuma, nitshekule njengamathole esibaya.


Ohamba ekupheleleni uyakusinda, kepha ophambene ngezindlela zakhe uyakuwa kwenye yazo.


UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami; ngizakwesaba bani na? UJehova uyinqaba yokuphila kwami; ngizakuba novalo ngobani na?


ngethembile ngempela yona le nto ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kinina uyakuwufeza kuze kube lusuku lukaKristu Jesu,


Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga, okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe,


Ngokuba ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa.


Ngokuba usizi lwethu olululana olungolomzuzwana luyasisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo emiyo phakade,


Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami; ngiyethemba izwi lakho.


Ungcono ompofu ohamba ekupheleleni kwakhe kunocebileyo ophambene ngezindlela zakhe.


Kuyakushiwo, nina ndlu kaJakobe, ukuthi uMoya kaJehova unyinyekile; yizenzo zakhe lezi na? “Awamahle yini amazwi ami kohamba ngobuqotho?


Kepha kuthe sengibonile ukuthi kabahambisi ngokweqiniso levangeli, ngathi kuKhefase phambi kwabo bonke: “Uma wena ongumJuda uhamba ngokwabezizwe, ungahambi ngokwabaJuda, ubaphoqa kanjani abezizwe ukuba bahambe ngokwabaJuda na?


Wena Nkulunkulu, siHlangu sethu, bheka, ubuke ubuso bogcotshiweyo wakho.


Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.


Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni.


Izikhulu zabantu zibuthene, zibe yisizwe sikaNkulunkulu ka-Abrahama, ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu; uphakeme kakhulu.


Asiyikuba nafa phakathi kwabafowabo; uJehova uyifa laso, njengalokho ekhulumile kuso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite