Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 83:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngokuba bheka, izitha zakho ziyaxokozela, nabakuzondayo baphakamisa ikhanda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Ngokuba bheka, izitha zakho ziyaxokozela, nabakuzondayo bayakuvukela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngokuba bheka, izitha zakho ziyaxokozela, nabakuzondayo baphakamise amakhanda abo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 83:2
22 Referans Kwoze  

Abazondi bakaJehova bebeyakuzithobela kuye, kepha isikhathi sabantu bami besiyakuba khona kuze kube phakade.


UPilatu esebona ukuthi akanakwenza lutho nokuthi isiphithiphithi sesanda kakhulu, wathatha amanzi, wahlamba izandla phambi kwesixuku, wathi: “Anginacala egazini lalo muntu; ziboneleni nina.”


Bayakulwa nawe, kepha abayikukwahlula, ngokuba nginawe,” usho uJehova, “ukuba ngikophule.”


Wo kukho ukuhlokoma kwezizwe eziningi ezihlokoma njengokuhlokoma kwezilwandle, nomsindo wokuxokozela kwabezizwe abaxokozela njengokuxokozela kwamanzi amaningi.


AbakwaMidiyani bathotshiswa kanjalo phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, ababe besaphakamisa amakhanda abo. Izwe lathula iminyaka engamashumi amane ezinsukwini zikaGideyoni.


Kwathi sekuvele isiyaluyalu esikhulu, induna yenkulungwane yesaba ukuba uPawulu angadwengulwa yibo, yayala impi ukuba yehle imhlwithe phakathi kwabo, imyise ekamu.*


Kepha bamlalela kwaze kwaba kulelo zwi; base bephakamisa izwi labo, bethi: “Msuseni onje emhlabeni, ngokuba akufanele ukuba aphile.”


Umuzi wonke wanyakaziswa, abantu bagijimela ndawonye, bambamba uPawulu, bamhudulela ngaphandle kwethempeli; iminyango yavalwa masinyane.


Kepha abaJuda benomhawu bathatha kumabhukudwane abalisa abathile ababi, besusa isiyaluyalu phakathi kwabantu, baxokozelisa umuzi; bahlasela indlu kaJasoni befuna ukubakhiphela kubantu;


Isixuku sase sibavukela, nezinduna zayala ukuba bahlutshulwe izingubo, bashaywe ngenduku;


Ngenxa yokubhovumula kwakho ngami, nangokuba ukuzidla kwakho kwenyukele ezindlebeni zami, ngiyakufaka ingwegwe yami emakhaleni akho netomu lami emlonyeni wakho, ngikubuyise ngendlela oweza ngayo.


Weyise bani, wethuka bani, na? Uphakamisele bani izwi lakho, wabhekisa phezulu amehlo akho, na? NgoNgcwele ka-Israyeli!


Imifula iphakamisile, Jehova, imifula iphakamisile ukuholoba kwayo; imifula iphakamisa ukuduma kwayo.


Ungakhohlwa izwi lezitha zakho, ukuxokozela kwabakuvukelayo okwenyukela njalonjalo.


Izitha zakho zibhongile phakathi kwendlu yakho yokubuthana, zamisa izimpawu zazo zaba yizimpawu.


Ngenxa yokubhovumula kwakho ngami, nangokuba ukuzidla kwakho kwenyukele ezindlebeni zami, ngiyakubeka ingwegwe yami emakhaleni akho netomu lami emlonyeni wakho, ngikubuyise ngendlela oweza ngayo.’


Ungathuli, Nkulunkulu wokubonga kwami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite