Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 82:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Vuka, Nkulunkulu, wahlulele umhlaba, ngokuba wena uyindlalifa yezizwe zonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Vuka, Nkulunkulu, wehlulele umhlaba, ngokuba Wena uyindlalifa yezizwe zonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Vuka, Nkulunkulu, wahlulele umhlaba, ngokuba wena uyakudla ifa lezizwe zonke.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 82:8
14 Referans Kwoze  

Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini athi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


Cela kimi, ngikunike abezizwe babe yifa lakho, nemikhawulo yomhlaba ibe yimfuyo yakho.


ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza, yebo, uyeza ukwahlulela umhlaba; uyakwahlulela izwe ngokulunga, nezizwe ngokuthembeka kwakhe.


Ngokuba umbuso ungokaJehova; nguye obusa izizwe.


Uyakuvuka, uhawukele iSiyoni; sekuyisikhathi sokuliphatha ngomusa, yebo, isikhathi esimisiweyo sesifikile.


Ngalokho, ngilindeleni,” usho uJehova, “kuze kube lusuku engivuka ngalo ukuba ngiphange, ngokuba kuyisinqumo sami ukubutha izizwe ukuba ngiqoqe imibuso, ukuze ngithulule phezu kwabo intukuthelo yami, lonke ulaka lwami oluvuthayo, ngokuba wonke umhlaba uyakudliwa ngumlilo womhawu wami.


Kepha mina ngiyakumbheka uJehova; ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami; uNkulunkulu wami uyakungizwa.


Sukuma, usisize, usihlenge ngenxa yomusa wakho.


“Ngenxa yokubandezeka kwabahluphekileyo nangokububula kwabampofu ngizakuvuka kalokhu,” usho uJehova, “ngimbeke ekusindisweni akulangazelelayo.”


Abathembekileyo babhubhile emhlabeni, akakho oqotho phakathi kwabantu; bonke baqamekela igazi; bayazingelana, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha.


Vuka, vuka, wembathe amandla wena mkhono kaJehova, vuka njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zamandulo. Akusuwe owamnquma kabili uRahabi, wamgwaza udrako,* na?


Sukuma, Jehova, ngentukuthelo yakho, uvuke ngenxa yolaka lwezitha zami, ungimele; ngokuba uyalezile ukwahlulela.


Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa; insalelo yolaka uyakuyibhinca.


Phakama, Mahluleli womhlaba, uphindisele kwabazidlayo izenzo zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite