Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 81:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Zwanini, bantu bami, ngizakufakaza kini ukuthi: O Israyeli, sengathi ungangilalela!

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 “Bantu bami, yizwani, ngizofakaza kini ngokuthi: Israyeli, sengathi ungangilalela!

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Lalelani, bantu bami, ngiyakufakaza kini: Israyeli, uma ungilalela;

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 81:8
14 Referans Kwoze  

“Yizwa, sizwe sami, ngiyakukhuluma; Israyeli, ngizakufakaza kuwe ukuthi: NginguNkulunkulu, uNkulunkulu wakho.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Sikhuluma esikwaziyo, sifakaza ngesikubonileyo; kepha anibamukeli ubufakazi bethu.


Uma nivuma, nilalela, niyakudla okuhle kwezwe;


wathi: “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ukwenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine izimiso zakhe zonke, angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo.”


Uma samukela ubufakazi babantu, ubufakazi bukaNkulunkulu bukhulu kunalobo, ngokuba ubufakazi bukaNkulunkulu buyilobu abufakazile ngeNdodana yakhe.


“Sengathi abantu bami bangangizwa, u-Israyeli ahambe ezindleleni zami.


ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa yiNkosi yethu uJesu.


wathi kubo: “Bekani inhliziyo yenu kuwo onke amazwi engiwafakazela kini namuhla, eniyakuyala ngawo abantwana benu ukuba baqaphele ukuwenza amazwi onke alo mthetho.


Sondela wena, uzwe konke uJehova uNkulunkulu wethu ayakukukhuluma, usitshele konke uJehova uNkulunkulu wethu ayakukukhuluma kuwe, sikuzwe, sikwenze.’


Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iMasa* neMeriba* ngenxa yokuphikisana kwabantwana bakwa-Israyeli, nangokuba bemlinga uJehova, bethi: “Ukhona yini uJehova phakathi kwethu noma qha?”


Kwathi ngosuku lwesithathu sekusile, kwaba khona ukuduma nokunyazima kombani, nefu elinzima phezu kwentaba, nezwi lecilongo elizwakala kakhulu; bonke abantu abasekamu* bathuthumela.


Lokhu kwakungamanzi aseMeriba, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli balwa noJehova, wangcweliswa kubo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite