Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 81:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kungubufakazi abumisayo kwaJosefa mhla ephuma ezweni laseGibithe. Ngizwa ulimi ebengingalwazi luthi:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Wakwenza kwaba ngubufakazi obumileyo kwaJosefa, mhlazana ephuma eGibhithe. Ngezwa ulimi engingalwazi luthi:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Lokhu wakumisa kuJosefa kube ngubufakazi mhla edabula izwe laseGibithe, lapho ngezwa khona ulimi engingaluqondi.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 81:5
17 Referans Kwoze  

Kwathi ukuba u-Israyeli aphume eGibithe, indlu kaJakobe kubantu bolunye ulimi,


Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwenu isizwe esivela kude nina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova; “yisizwe esinamandla, yisizwe esidala, yisizwe ongazi ulimi lwaso, nongezwa lokhu abakukhulumayo.


“UJehova uyakukuthumela isizwe esivela kude ekugcineni komhlaba njengokundiza kokhozi, isizwe ongayikuqonda ulimi lwaso,


Ngengalo yamandla wasindisa abantu bakho, amadodana kaJakobe noJosefa. Sela*


Yebo, ngezindebe ezingingizayo nangolunye ulimi uyakukhuluma kulaba bantu


nithi: ‘Kungumhlatshelo wephasika likaJehova owadlula kuzo izindlu zabantwana bakwa-Israyeli mhla ebulala abaseGibithe, ezophula izindlu zethu.’ ” Abantu bakhothama, bakhuleka.


“ ‘Ngokuba ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobo busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezinkomo, ngenze izahlulelo kuzo zonke izithixo zaseGibithe; nginguJehova.


UMose wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngaphakathi kwamabili ngizakuphuma, ngiye phakathi kweGibithe;


Baphuza imikhele yewayini, bazigcoba ngamafutha amahle, kepha abadabuki ngokuchithwa kukaJosefa.


ningcwelise amasabatha ami, abe yisibonakaliso phakathi kwami nani, ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.”


ukuze isizukulwane esilandelayo sazi, abantwana abayakuzalwa, bavuke, batshele abantwana babo,


yibo ubufakazi, nezimiso, nezahlulelo uMose akukhulumayo kubantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe,


Kwathi phakathi kwamabili uJehova wabulala onke amazibulo ezweni laseGibithe, kusukela kulo izibulo likaFaro owayehlala esihlalweni sakhe sobukhosi kuze kube kulo izibulo lesiboshwa esasisetilongweni, kanye namazibulo onke ezinkomo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite