Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 80:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Usenza sibe yinto ebangwa ngabakhelwane bethu, nezitha zethu zisihleka usulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Usenze into omakhelwane bethu ababangisana ngayo, izitha zethu zisihleka usulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Uyasixabanisa nabakhelwane bethu, nezitha zethu zisihleke zodwa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 80:6
11 Referans Kwoze  

Sesiyisihlamba kubakhelwane bethu, umbhinqo nenhlekiso kwabasiphahlileyo.


Nabakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bethabe, bathumelane izipho, ngokuba laba baprofethi ababili babebahluphile abakhileyo emhlabeni.


ngalokho, zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi leNkosi uJehova lokuthi: Isho kanje iNkosi uJehova kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi, nakuzo izindawo ezichithekileyo, nakuyo imizi eshiyiweyo, osekuyimpango nenhlekiso yezizwe eziseleyo ezikhona nxazonke,


U-Israyeli wayengahlekwa nguwe na? Wafunyanwa phakathi kwamasela, njengokuba, lapho ukhuluma ngaye, unikina ikhanda, na?


Maye kimina, mame, ukuthi ungizalile, ngibe ngumuntu wokuphikisana nokuxabana emhlabeni wonke! Angibizanga inzalo, futhi akubizwanga inzalo kimi, nokho bayangiqalekisa bonke.


Weyise bani, wethuka bani, na? Uphakamisele bani izwi lakho, wabhekisa phezulu amehlo akho, na? NgoNgcwele ka-Israyeli!


“ ‘Ngalokho ake uvumelane nenkosi yami, inkosi yase-Asiriya, ngiyakukunika amahhashi ayizinkulungwane ezimbili, uma ungabeka izinkweli kuzo.


Kwathi lapho izinhliziyo zabo sezesasile, bathi: “Mbizeni uSamsoni ukuba asidlalele.” Bambiza uSamsoni esetilongweni, wadlala phambi kwabo, bambeka phakathi kwezinsika.


Ngiyakukhumbula lokhu, ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami, njengalokho ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite