Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 80:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Yizwa, malusi ka-Israyeli, ohola uJosefa njengomhlambi, ohlezi phezu kwamakherubi;* mawubonakale ngokukhazimula.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Lalela, Malusi ka-Israyeli, Wena ohola uJosefa njengomhlambi. Uhlezi phezu kwamakherubhi, khazimula

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ihubo lika-Asafa. Zwana, Malusi ka-Israyeli, wena ohola uJosefa njengomhlambi; wena ohlezi phakathi kwamakherubi, khazimula.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 80:1
37 Referans Kwoze  

Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu.


Wahola abantu bakho njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.


ESiyoni eliphelele ebuhleni uNkulunkulu uqhamile ekukhanyeni.


UJehova uyinkosi; mabathuthumele abantu; uhlezi phezu kwamakherubi;* mawuzamazame umhlaba.


ngokuba beninjengezimvu ezidukileyo, kodwa manje seniphendukele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.


Ngiyakumisa umalusi phezu kwazo, azaluse: inceku yami uDavide; uyakuzalusa, abe ngumalusi wazo.


UDavide wahamba nabo bonke abantu ababe naye, besuka eBali Juda ukwenyusa khona umphongolo kaNkulunkulu obizwa ngeGama, lona igama likaJehova Sebawoti ohlala phezu kwamakherubi.*


Abantu base bethumela eShilo, bathatha khona umphongolo wesivumelwano sikaJehova Sebawoti ohlezi phezu kwamakherubi;* amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, ayelapho nomphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu.


Kepha uNkulunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo umalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esimiyo njalo, iNkosi yethu uJesu,


Inkazimulo kaJehova yenyuka ekherubini, yaya embundwini wendlu; indlu yagcwala ifu, igceke lagcwala ukumenyezela kwenkazimulo kaJehova.


Abantu bakhe base bekhumbula izinsuku zakuqala zikaMose, bathi: Uphi yena owabakhipha elwandle kanye nabelusi bomhlambi wakhe, na? Uphi yena owabeka uMoya wakhe oNgcwele phakathi kwabo,


“Vuka ukhanye, ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza; inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho.


Sibuyise, Nkulunkulu Sebawoti, ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.


Sibuyise, Nkulunkulu, ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.


kuyakuthi, nxa esebonakaliswa uMalusi omkhulu, niyakuzuza umqhele wenkazimulo ongabuniyo.


“Mina ngingumalusi omuhle; ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi,


“Kalokhu, Nkulunkulu wethu, yizwa umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, ukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele, echithakele ngenxa yeNkosi.


bheka, inkazimulo kaJehova ka-Israyeli yavela ngasempumalanga, izwi lakhe lalinjengokuholoba kwamanzi amaningi, umhlaba wakhanya ngenkazimulo yakhe.


Isimo sezidalwa sasinjengamalahle omlilo avutha njengezibani, ahambahamba phakathi kwezidalwa; umlilo wamenyezela, nasemlilweni kwaphuma unyazi.


Iyakwalusa umhlambi wayo njengomalusi, ibuthe amawundlu ngemikhono yayo, iwagone esifubeni sayo, ihole kahle izindlezane.


Nkulunkulu wempindiselo, Jehova, Nkulunkulu wempindiselo, vela ukhanye.


Sibuyise, Jehova Nkulunkulu Sebawoti; ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.


Yalahla indlu kaJosefa, ayikhethanga isizwe sakwa-Efrayimi.


Kepha waphumisa abantu bakhe njengezimvu; wabahola ehlane njengomhlambi.


Ngisindise, Nkulunkulu, ngokuba amanzi afikile emphefumulweni.


Nkulunkulu usilahlile, usichithile; mawubuye usilulamise.


Lalela, Nkulunkulu, umkhuleko wami, ungazifihli ekunxuseni kwami.


Inhliziyo yami iyachichima ngendaba enhle; ngikhuluma igama engiliqambe ngenkosi; ulimi lwami lulusiba loloba ngokushesha.


Yizwa amazwi ami, Jehova, uqaphele ukuzindla kwami.


Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele, ulahle umsebenzi wezandla zakho, ukhanye phezu kwamasu ababi, na?


UHezekiya wakhuleka phambi kukaJehova, wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli ohlezi phezu kwamakherubi,* wena unguNkulunkulu, wena wedwa, wemibuso yonke yomhlaba, wena wenzile izulu nomhlaba.


“UJehova wavela eSinayi, wabaphumela evela eSeyiri, wanyampuza entabeni yasePharanu, weza ephuma ezigidini zendawo engcwele; ngakwesokunene sakhe kwavutha umlilo.


UNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova, uyakhuluma, ubiza umhlaba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite