Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 79:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Bachithile igazi labo njengamanzi nxazonke zeJerusalema, akwababikho obembelayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Igazi labo balichithe njengamanzi nxazonke zeJerusalema, akubangabikho obambelayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Igazi labo balichitha njengamanzi nxazonke zeJerusalema; futhi kwakungekho muntu wokungcwaba.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 79:3
15 Referans Kwoze  

“Bayakuba nokufa okwesabekayo, abayikulilelwa, abayikumbelwa; bayakuba ngumquba emhlabathini, baqedwe ngenkemba nangendlala, izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasemhlabeni.”


Abantu abaprofetha kubo bayakuphonswa ezitaladini zaseJerusalema ngenxa yendlala nenkemba; abayikuba namuntu wokubembela, bona nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo; ngiyakuthela okubi kwabo phezu kwabo.


Abanye kubantu nabemindeni nabezilimi nabezizwe bayakuzibona izidumbu zabo izinsuku ezintathu nenxenye, bengavumi ukuba izidumbu zabo zifakwe ethuneni.


futhi kwafunyaniswa kuwe igazi labaprofethi nelabangcwele nelabo bonke ababebulewe emhlabeni.”


Ngase ngibona owesifazane edakiwe yigazi labangcwele negazi lawofakazi bakaJesu. Kuthe lapho ngimbona, ngamangala ngokumangala okukhulu.


ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaprofethi, wabanika ukuba baliphuze igazi; bakufanele.”


Kulotshiwe ukuthi: “Ngenxa yakho sibulawa usuku lonke, sithiwa izimvu zokuhlatshwa.”


ukuba kufike phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo kuze kube segazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli ne-altare.


yebo, ngiyakubanikela esandleni sezitha zabo nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo, izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba.


Ngalolo suku ababuleweyo bakaJehova bayakusukela komunye umkhawulo womhlaba, baze bafike komunye; abayikukhalelwa, abayikubuthwa, abayikumbelwa, bayakuba ngumquba ebusweni bomhlaba.


“Ngiyakubamisela izinhlobo ezine,” usho uJehova: “inkemba yokubulala, nezinja zokudonsa, nezinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudla nezokuchitha.


Njengalokhu umuntu elima, eklaya umhlabathi, amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni wendawo yabafileyo.


Bangasholoni abezizwe ukuthi: “Uphi uNkulunkulu wabo na?” Makwazeke kwabezizwe emehlweni ethu ukuphindiselwa kwegazi lezinceku zakho elichithiweyo.


Ngiyakucindezela abantu, bahambe njengezimpumputhe, ngokuba bonile kuJehova; igazi labo liyakuthululwa njengothuli, nenyama yabo njengomquba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite