Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 79:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Buyisela kubakhelwane bethu, kuphindwe kasikhombisa esifubeni sabo inhlamba abakuhlambalaza ngayo, Nkosi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Ibuyisele kasikhombisa ezifubeni zomakhelwane bethu inhlamba abakuhlambalaza ngayo, Nkosi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Unike omakhelwane bethu kasikhombisa esifubeni sabo ihlazo labo abakuhlambalaza ngalo, Jehova.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 79:12
13 Referans Kwoze  

wena owenza umusa kubo abayizinkulungwane, ophindisela ububi bawoyise esifubeni sabantwana babo emva kwabo, ogama lakho linguNkulunkulu omkhulu oyiqhawe, uJehova Sebawoti,


Kepha uJehova wathi kuye: “Ngalokho obulala uKayini uyakuphindiselwa kasikhombisa.” UJehova wabeka uphawu kuKayini, funa omfumanayo ambulale.


nami ngiyakuhamba ngiphambene nani ngokufutheka, ngikushaye kasikhombisa ngezono zakho.


“ ‘Uma nihamba niphambene nami, ningangilaleli, ngiyakubuye nginehlisele izinhlupheko ziphindwe kasikhombisa njengezono zenu.


Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.”


Uma efunyanwa, uyakubuyisa kasikhombisa, anikeze yonke impahla yendlu yakhe.


ngenxa yoklolodayo nojivazayo, ngenxa yesitha nomphindiseli.


Nkulunkulu, koze kube nini umcindezeli ethuka, isitha sihlambalaza igama lakho njalo, na?


Makabongwe uJehova kuze kube phakade. Amen, Amen.


Uyakwazi ukuthi nginguJehova; ngizwile zonke izithuko zakho ozikhulume ngezintaba zakwa-Israyeli ngokuthi: “Yincithakalo; siphiwe zona ukuba sizidle.”


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiphakamisile isandla sami ngokuthi: Impela abezizwe abakini nxazonke bayakuthwala ihlazo labo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite