Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 78:72 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

72 Njalo wabelusa ngobuqotho benhliziyo yakhe, wabahola ngenhlakanipho yesandla sakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

72 Wabelusa ngenhliziyo eqotho. Wabahola ngesandla esinekhono.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

72 Futhi wabondla ngobuqotho benhliziyo yakhe; wabahola ngobuhlakani bezandla zakhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 78:72
15 Referans Kwoze  

“Wena-ke, uma uyakuhamba phambi kwami njengokuhamba kukaDavide uyihlo, ngenhliziyo engenacala nangobuqotho, ukuba wenze konke engikuyale ngakho, ugcine izimiso zami nezahlulelo zami,


Khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso.


Esemkhiphile wabavusela uDavide abe yinkosi, afakaza ngaye ukuthi: ‘Ngimfumene uDavide kaJesayi, umuntu ongowenhliziyo yami, oyakwenza konke engikuthandayo.’


Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.


“Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola.


Lapho ngiyakugcina isikhathi esimisiweyo, ngiyakwahlulela ngokulunga.


ngokuba uDavide wenza okulungile emehlweni kaJehova, kaphambukanga ngalutho amyala ngalo zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kuphela endabeni ka-Uriya umHeti.


U-Israyeli wonke wezwa leso sahlulelo esenziwe yinkosi; bayesaba inkosi, ngokuba babona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwakukuyo ekwahluleleni kwayo.


UDavide wabusa phezu kuka-Israyeli wonke, uDavide waphatha ukwahlulela nokulunga kubo bonke abantu bakhe.


“Ndodana yomuntu, profetha ngabelusi bakwa-Israyeli; profetha uthi kubo, kubelusi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wo kubelusi bakwa-Israyeli abazibonelela bona! Abelusi bebengayikuzalusa izimvu na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite