Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 78:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 ukuze isizukulwane esilandelayo sazi, abantwana abayakuzalwa, bavuke, batshele abantwana babo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 ukuze waziwe yisizukulwane esilandelayo, abantwana abayobazala nabo bavuke, batshele abantwana babo ngawo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ukuze isizukulwane esizayo sizazi, yebo, nabantwana abazozalwa; okufanele basukume bamemezele lokhu kubantwana babo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 78:6
11 Referans Kwoze  

Lokhu kuyakulotshelwa isizukulwane esizayo; abantu abayakudalwa bayakudumisa uJehova.


Kutsheleni abantwana benu, nabantwana benu abantwana babo, nabantwana babo esinye isizukulwane.


Isizukulwane siyakubabaza kwesinye imisebenzi yakho, simemezele izenzo zakho zamandla.


Izenzo zakho mazibonakale kuzo izinceku zakho, nenkazimulo yakho kubantwana bazo.


Bayakuza bashumayele ukulunga kwayo kuso isizwe esiyakuzalwa ngokuthi ikwenzile.


Futhi mawungangishiyi, nxa ngimdala, ngiyimpunga, ngize ngishumayele ingalo yakho kuso isizukulwane, amandla akho kubo bonke abezayo.


Qaphelani izindonga zalo, nidabule izindlu zalo zobukhosi, ukuze nilandisele isizukulwane esizayo.


zikhunjulwe lezo zinsuku, zigcinwe ezizukulwaneni ngezizukulwane, emindenini ngemindeni, ezifundeni ngezifunda, emizini ngemizi, lezo zinsuku zePhurimi, zingaphuthi phakathi kwabaJuda, nesikhumbuzo sazo singapheli enzalweni yabo.


usuku owema ngalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho eHorebe, lapho uJehova wathi kimi: ‘Ngibuthele abantu, ngibezwise amazwi ami ukuba bafunde ukungesaba zonke izinsuku zokuhamba kwabo emhlabeni, bafundise nabantwana babo.’


ukuze utshele indodana yakho ezindlebeni nendodana yendodana yakho lokho engikwenzele iGibithe, nezibonakaliso zami engizenzile phakathi kwabo, nize nazi ukuthi nginguJehova.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite