Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 78:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngokuba wamisa ubufakazi kwaJakobe, wabeka umthetho kwa-Israyeli, ayala ngawo obaba ukuba bafundise abantwana babo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Wamisa isiyalo kwaJakobe, washaya umthetho kwa-Israyeli, wayala ukuba okhokho bethu bawufundise abantwana babo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba wamisa ubufakazi kuJakobe, wamisa umthetho kwa-Israyeli, awuyala obaba ukuba bawazise abantwana babo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 78:5
21 Referans Kwoze  

ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.


Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.


Kungubufakazi abumisayo kwaJosefa mhla ephuma ezweni laseGibithe. Ngizwa ulimi ebengingalwazi luthi:


yibo ubufakazi, nezimiso, nezahlulelo uMose akukhulumayo kubantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe,


Abaphilayo, abaphilayo bayakubonga njengami namuhla; uyise uyabazisa abantwana ukuthembeka kwakho.


Emthethweni-ke nasebufakazini! Impela leli zwi abalikhulumayo alinakho ukusa.


Niyakuwafundisa abantwana benu, ukhulume ngawo, lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.


Ngokuba ngimkhethele ukuba ayale abantwana bakhe nendlu yakhe emva kwakhe ukugcina indlela kaJehova nokusebenza ukulunga nokwahlulela, ukuze uJehova amenzele u-Abrahama lokho amthembise khona.”


Kukhulu ngezindlela zonke. Kuqala ngokuba baphathisiwe amazwi kaNkulunkulu.


Uyatshengisa izwi lakhe kuJakobe, izimiso zakhe nezahlulelo zakhe ku-Israyeli.


Umthetho kaJehova uphelele, uvusa umphefumulo; ukufakaza kukaJehova kuqinisile, kuhlakaniphisa oyisiwula.


Wofaka khona umphongolo wobufakazi, uwuhenqele umphongolo ngesihenqo.


Uyakusibeka isihlalo somusa phezu komphongolo, ufake emphongolweni ubufakazi engiyakukunika bona.


Kudala ngazile ngobufakazi bakho ukuthi ubusekele kuze kube phakade.


Uyakufaka emphongolweni ubufakazi engikunika bona.


Wathabatha, wabufaka ubufakazi emphongolweni, wafaka izinti emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo.


nithi: ‘Kungumhlatshelo wephasika likaJehova owadlula kuzo izindlu zabantwana bakwa-Israyeli mhla ebulala abaseGibithe, ezophula izindlu zethu.’ ” Abantu bakhothama, bakhuleka.


nokuba abantwana babo abangawaziyo bezwe, bafunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wenu isikhathi sonke sokuhlala kwenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.”


wathi kubo: “Bekani inhliziyo yenu kuwo onke amazwi engiwafakazela kini namuhla, eniyakuyala ngawo abantwana benu ukuba baqaphele ukuwenza amazwi onke alo mthetho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite