Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 78:36 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 Kepha bamthopha ngomlomo wabo, baqamba amanga kuye ngolimi lwabo;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

36 Ngemilomo yabo babemthopha, kodwa beqamba amanga bngezilimi zabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

36 Nokho bamthopha ngemilomo yabo, baqamba amanga kuye ngolimi lwabo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 78:36
11 Referans Kwoze  

Bafika kuwe njengokufika kwabantu, bahlala phambi kwakho njengabantu bami, bezwa amazwi akho, abawenzi kodwa, ngokuba ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kepha inhliziyo yabo ilandela inzuzo yabo.


Yathi iNkosi: “Ngenxa yokuba laba bantu besondela, bangidumise ngemilomo yabo nangezindebe zabo, kodwa bazidedisele kude nami izinhliziyo zabo, nokungesaba kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,


U-Efrayimi ungizungezile ngamanga, nendlu yakwa-Israyeli ngenkohliso; uJuda usazulazula kuNkulunkulu nakoNgcwele othembekileyo.


“Washaywa luvalo ngobani, wamesaba, waze waqamba amanga, awangikhumbula, futhi ungakubekanga enhliziyweni yakho, na? Angithi njengokuba ngithulile kwasendulo, awungesabi, na?


Banele ukungizwa nje ngendlebe, base bengilalela; abafo bazithoba phansi kwami.


Noma lilihle, noma lilibi, siyakulilandela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu esikuthuma kuye ukuba kube kuhle kithi, lapho sililalela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.”


U-Efrayimi uyadla umoya, ulandela umoya wasempumalanga; uyandisa imihla yonke amanga nencithakalo; benza isivumelwano ne-Asiriya, namafutha ayiswa eGibithe.


UJehova unokuphikisana noJuda futhi; uyakuhambela uJakobe ngenxa yezindlela zakhe, ambuyisele ngokwezenzo zakhe.


“Abacebileyo bawo bagcwele ubudlova, nabakhileyo kuwo bakhuluma amanga, nolimi lwabo lunenkohliso emlonyeni wabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite