Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 77:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Osukwini losizi lwami ngiyayifuna iNkosi; ebusuku isandla sami seluliwe, asidangali; umphefumulo wami wala ukududuzwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Ngosuku losizi lwami, ngifuna iNkosi, ebusuku ngelule isandla sami ngingakhathali. Umphefumulo wami uyenqaba ukududuzwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngosuku losizi lwami ngayifuna iNkosi; amathumba ami ageleza ebusuku, awanqamuki; umphefumulo wami wala ukududuzwa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 77:2
29 Referans Kwoze  

ngibize ngosuku lwenhlupheko; ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Onke amadodana akhe nawo onke amadodakazi akhe asuka ukuyomduduza, kepha wala ukududuzwa, wathi: “Ngiyakwehla, ngiye endodaneni yami endaweni yabafileyo ngilila.” Uyise wamlilela-ke.


Ngomphefumulo wami ngikulangazelela ebusuku, yebo, ngomoya wami ophakathi kwami ngiyakufunisisa, ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni, abakhileyo bezwe bafunda ukulunga.


Jehova, besekuhluphekeni bakuhambela, bazethula ngemikhuleko lapho belaywa nguwe.


owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


“Lapho u-Efrayimi abona isifo sakhe noJuda isilonda sakhe, u-Efrayimi waya e-Asiriya, wathumela enkosini uJarebi; kepha ingeniphulukise, ayinakusipholisa isilonda senu.


Usho kanje uJehova, uthi: “Izwi liyezwakala eRama, ukulila nokukhala okumunyu, uRaheli ekhalela abantwana bakhe; uyala ukududuzwa ngabantwana bakhe, ngokuba abasekho.”


AbaJuda ababesendlini naye bemkhuza, bebona uMariya esuka masinyane ephuma, bamlandela, bathi: “Uya ethuneni ukuba akhale khona.”


“Wozani sibuyele kuJehova, ngokuba yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; usishayile, uyakusibopha.


Umoya womuntu uyasekela ubuthakathaka bakhe, kepha ngubani ongathwala umoya owaphukileyo na?


Ngosuku losizi lwami ngikhala kuwe, ngokuba uzakungiphendula.


Nxa ngikukhumbula ecansini lami, ngizindla ngawe emilindweni yasebusuku.


Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe.


“Uma ulungisa inhliziyo yakho, welulele izandla zakho kuye;


“Uma kukhona indlala ezweni, noma kukhona isifo, noma kukhona ukuhamuka, nesikhutha, nesikhonyane, nemiswenya, noma izitha zabo zibavimbezela ezweni lemizi yabo, noma kuyiphi inhlupheko nasiphi isifo,


Wathi: “Igama lakho alisayikuthiwa uJakobe, kepha u-Israyeli,* ngokuba ulwile noNkulunkulu nabantu, wanqoba.”


Kusihlwa nasekuseni nasemini ngizakuzikhalela, ngibubule, abeselizwa izwi lami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite