Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 77:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Indlela yakho yayiselwandle, nomendo wakho wawusemanzini amaningi, kodwa izinyathelo zakho zazingaziwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Indlela yakho yayisolwandle, imendo yakho isemanzini amaningi, kodwa amanyathelo akho awabonakalanga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Indlela yakho iselwandle, nendlela yakho emanzini amakhulu, nezinyathelo zakho azaziwa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 77:19
13 Referans Kwoze  

Amanzi abuyela, asibekela izinqola, nabamahhashi, nayo yonke impi kaFaro eyangena elwandle emva kwazo; akwasala noyedwa kubo.


Unyathela ulwandle ngamahhashi akho, inqaba yamanzi amaningi.


UJehova wayehlezi ebusa phezu kukazamcolo; uJehova uhlezi eyinkosi kuze kube phakade.


Wahlukanisa ulwandle phambi kwabo, badabula phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo; nababaxoshayo wabaphonsa otweni njengetshe emanzini anamandla.


Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


Amafu nobumnyama kuyamphahla; ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi.


Yonke intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo ngomlilo; umusi wayo wenyuka njengomusi wesithando; intaba yonke yazamazama kakhulu.


“Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela; izisekelo zezulu zathuthumela, zaqhaqhazela ngokuba ethukuthele.


Uyakufeza engikumiselweyo; izinto eziningi ezinjalo zikuye.


Ukhona ongaqonda ukwenekeka kwamafu nokuduma kwedokodo lakhe na?


Imibani yakhe ikhanyisa izwe; umhlaba uyakubona, uthuthumele.


yena obheka umhlaba, besewuthuthumela, othinta izintaba, zithunqe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite