Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 77:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Izwi lokuduma kwakho lalisesivunguvungwini; imibani yakhanyisa izwe; umhlaba wadikizela, wazamazama.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Izwi lokuduma kwakho lisesiphephweni, imibani yakhanyisa izwe, umhlaba wandindizela, wazamazama.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Izwi lokuduma kwakho lalisezulwini; umbani wakhanyisa izwe, umhlaba wazamazama, wazamazama.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 77:18
18 Referans Kwoze  

Imibani yakhe ikhanyisa izwe; umhlaba uyakubona, uthuthumele.


Kwase kuvulwa ithempeli likaNkulunkulu elisezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe; kwase kuba khona imibani, namazwi, nokuduma, nokuzamazama komhlaba, nesichotho esikhulu.


UJehova waduma ezulwini; oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe.


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo.


Emva kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu, nomhlaba wakhanyiswa ngokukhazimula kwayo.


Bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza yagingqa itshe, yahlala phezu kwalo.


Bheka-ke, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka;


Kuqhamuka ukubengezela kunjengokukhanya; imisebe ivela esandleni sakhe, efihla lapho amandla akhe.


Ngokukhuza kwakho abaleka, ngezwi lokuduma kwakho ashesha asuka.


Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela; izisekelo zezintaba zathuthumela, zagubhuzela ngokuba ethukuthele.


“Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela; izisekelo zezulu zathuthumela, zaqhaqhazela ngokuba ethukuthele.


“Jehova, ekuphumeni kwakho eSeyiri, ekusukeni kwakho ezweni lakwa-Edomi umhlaba wazamazama, namazulu aconsa, yebo, amafu aconsa amanzi.


Yonke intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo ngomlilo; umusi wayo wenyuka njengomusi wesithando; intaba yonke yazamazama kakhulu.


Kwathi ngosuku lwesithathu sekusile, kwaba khona ukuduma nokunyazima kombani, nefu elinzima phezu kwentaba, nezwi lecilongo elizwakala kakhulu; bonke abantu abasekamu* bathuthumela.


Wathuma imicibisholo yakhe, wabangquzula, nemibani eminingi, wabadidizelisa.


Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sakho, Jehova, ngokufutha komoya wamakhala akho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite