Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 76:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Wezwakalisa ukwahlulela kuvela ezulwini; umhlaba wesaba, wathula

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Wezwakalisa ukwehlulela kuvela ezulwini, umhlaba wesaba, wathula

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Uthumele ukwahlulela kuvela ezulwini; umhlaba wesaba, wathula;

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 76:8
16 Referans Kwoze  

Kepha uJehova usethempelini lakhe elingcwele; thula phambi kwakhe, mhlaba wonke.”


Thula, nyama yonke, phambi kukaJehova, ngokuba uvukile, waphuma endaweni yakhe engcwele.”


Thulani, niqonde ukuthi mina nginguNkulunkulu; ngiyakuphakama phakathi kwabezizwe, ngiphakame emhlabeni.


Thuthumelani ebusweni bakhe, mhlaba wonke; izwe lihlala liqinile, alinakushukunyiswa.


Kwaliwa ezulwini; izinkanyezi ezindleleni zazo zalwa noSisera.


UJehova wayesethi kuMose: “Hamba uye kubantu, ubangcwelise namuhla nakusasa, bahlanze izingubo zabo,


“Hambani ningibuzele kuJehova, mina nabantu, naye wonke uJuda ngamazwi ale ncwadi efunyenweyo, ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova esivuthelayo, ngokuba obaba abalalelanga amazwi ale ncwadi ukwenza njengakho konke okulotshiwe ngathi.”


Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu; uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.


ngathi: “Ngiyanxusa, Jehova Nkulunkulu wezulu, wena Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa nabakuthandayo nabagcina imiyalo yakho,


“Ukubusa nokwesabeka kukuye owenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo.


Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso, unguNkulunkulu ophilileyo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama, izizwe azinakuma ngokufutheka kwakhe.


“Bheka, njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani, iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo; nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo, ngokuba ngubani onjengami, ngubani onginqumelayo, ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?”


Ngubani ongema ebusweni bentukuthelo yakhe na? Ngubani ongema ekufuthekeni kolaka lwakhe na? Ukufutheka kwakhe kuthululiwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite