Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 76:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa; insalelo yolaka uyakuyibhinca.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa, insalelo yolaka uyakuyibhinca.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Impela, ulaka lomuntu luyakudumisa;

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 76:10
20 Referans Kwoze  

Ngokuba umbhalo uthi kuFaro: “Ngakuphakhamisela khona lokhu ukuba ngibonakalise amandla ami kuwe nokuba igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.”


Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu; kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa.


nezizwe zazinolaka, kepha kwafika ulaka lwakho, nesikhathi sokwahlulelwa kwabafileyo, nokunika umvuzo izinceku zakho, abaprofethi nabangcwele nabesabayo igama lakho, abancane nabakhulu, nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.”


othulisa ukuduma kwezilwandle, inhlokomo yamaza azo nomsindo wabantu.


Izizwe ziyaxokozela; imibuso iyazamazama; uphumisela izwi lakhe, umhlaba uncibilike.


Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, yebo, kulokhu ababebagabisela ngakho.”


Yebo, nina nangisongozela okubi, kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba kuhle ukuba akwenze kube njenganamuhla, asindise abantu abaningi.


Umisile umncele ukuba angaweqi, angabuyi ukusibekela umhlaba.


Amazwi kaJehova angamazwi ahlanzekileyo, anjengesiliva elihlanjululwe esithandweni emhlabathini, lihlanjululwe kasikhombisa.


Vuka, Nkulunkulu, wahlulele umhlaba, ngokuba wena uyindlalifa yezizwe zonke.


Kepha uyakwahlulela abampofu ngokulunga, anqume ngokufaneleyo abathobileyo bomhlaba, awushaye umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, abulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe.


UPilatu waphendula wathi: “Engikulobile ngikulobile.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite