Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 75:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngokuba esandleni seNkosi kukhona isitsha; iwayini liyakhephuza; sigcwele ngeliqungiweyo, yona iyathulula ngaso; impela bonke ababi emhlabeni bayakuyimunca inhleze yalo, bayiphuze.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Esandleni seNkosi kukhona isitsha, iwayini liyakhephuzela, sigcwele iwayini eliqungiweyo; yiyona elithunga ngaso. Bonke ababi abasemhlabeni impela boyimunca inhlese yalo, bayiphuze.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngokuba esandleni sikaJehova kukhona indebe, newayini libomvu; igcwele ingxubevange; futhi iyakuthulula kuwo, kodwa inhlese yawo, bonke ababi bomhlaba bayoyinquma futhi bayiphuze.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 75:8
15 Referans Kwoze  

Awabo amehlo mawabone ukuchithwa kwabo, bona baphuze ukufutheka kukaSomandla.


Ngokuba washo kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli kimi, wathi: “Thatha le ndebe yewayini lokufutheka esandleni sami, uphuzise kuyo zonke izizwe engikuthuma kuzo.


Unisa izihibe phezu kwababi; umlilo nesibabule nomoya oshisayo kuyisabelo sendebe yabo.


Umuzi omkhulu waba yizinqamu ezintathu, nemizi yabezizwe yawa. NeBabiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo.


Ngase ngiyithatha indebe esandleni sikaJehova, ngaziphuzisa zonke izizwe uJehova angithuma kuzo:


Wo kubona abangamaqhawe ngokuphuza iwayini namadoda anamandla ngokuxubanisa uphuzo olunamandla,


Isizwe sakho usibonisile izinto ezinzima; usiphuzisile iwayini, sabhuyazela.


isho kanje iNkosi yakho uJehova noNkulunkulu wakho emela indaba yabantu, ithi: “Bheka, ngiyithathile esandleni sakho indebe yokutengezela; yebo, isitsha sendebe yokufutheka kwami awusayikusiphuza.


Yibo abalibala ngasewayinini, abaya ukunambitha iwayini elixutshanisiweyo.


Vuka, vuka, usukume wena Jerusalema ophuzile esandleni sikaJehova indebe yokufutheka kwakhe; uphuzile isitsha sendebe yokutengezela, wasiminya.


Ngakho-ke isizwe sakhe sibuyela lapha; amanzi amaningi bazimuncela wona.


UJehova uyaphofisa, abesecebisa; uyathobisa, abesephakamisa.


Uyakuyiphuza, uyikhame, ugedle izindengezi zayo, uklebhule amabele akho, ngokuba mina ngikukhulumile, isho iNkosi uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite