Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 74:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Nkulunkulu, usilahleleni kuze kube phakade na? Intukuthelo yakho ithunqelelani izimvu zedlelo lakho na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Nkulunkulu, usilahleleni kwaze kwaba phakade na? Izimvu zedlelo lakho uzithunqiselelani ngentuthu yolaka lwakho na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 IMaskili lika-Asafa. Nkulunkulu, usilahleleni kuze kube phakade na? intukuthelo yakho ithunqeleni izimvu zedlelo lakho na?

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 74:1
30 Referans Kwoze  

uJehova angamthetheleli, kepha intukuthelo kaJehova nomhawu wakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uJehova alesule igama lakhe phansi kwezulu.


Yazini ukuthi uJehova unguNkulunkulu; nguye osenzileyo, akuthina, sibe ngabantu bakhe nezimvu zedlelo lakhe.


Khona thina bantu bakho, izimvu zedlelo lakho, siyakukubonga kuze kube phakade, sishumayele udumo lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Ngokuba yena unguNkulunkulu wethu, thina singabantu bedlelo lakhe nezimvu zesandla sakhe. Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,


Nokho ususilahlile, wasijabhisa; awusaphumi nezimpi zethu.


“Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.


Nina niyizimvu zami, niyizimvu zedlelo lami; ningabantu, mina nginguNkulunkulu wenu, isho iNkosi uJehova.’ ”


Usho kanje uJehova, uthi: “Uma izulu lilinganiswa phezulu, nezisekelo zomhlaba zivivinywa ngaphansi, khona mina ngiyakuyilahla yonke inzalo yakwa-Israyeli ngakho konke abakwenzileyo,” usho uJehova.


“Wo kubo abelusi abachitha, bazihlakaze izimvu zedlelo lami!” usho uJehova.


Koze kube nini, Jehova, uthukuthele njalo, ukushisekela kwakho kuvutha njengomlilo, na?


INkosi iyakulahla kuze kube phakade na? Ayisenakuphinda ibe nomusa na?


Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? Methembe uNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa yena oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.


Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, impela ngenxa yokuba izimvu zami zaba yimpango, nangokuba izimvu zami zaba ngukudla kwazo zonke izilwane zasendle, lokhu umalusi engekho, nangokuba abelusi bami bengafunanga izimvu zami, abelusi bezibonelela bona, bengazalusi izimvu zami,


Zwanini, bantu bami, umthetho wami, nibeke izindlebe zenu emazwini omlomo wami.


Akusiwena Nkulunkulu osilahlileyo na? Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu.


Nkulunkulu usilahlile, usichithile; mawubuye usilulamise.


Ngizakuthi kuNkulunkulu, iDwala lami: “Ungikhohlweleni na? Ngihambelani ngilila, ngicindezelwe yisitha, na?”


Kwenyuka umusi emakhaleni akhe, nomlilo odlayo emlonyeni wakhe; amalahle avutha kuye.


Jehova, umeleni kude na? Uzifihlelani ubuso ezikhathini zokuhlupheka na?


UMose wamshweleza uJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, ulaka lwakho lubavuthelelani abantu bakho owabakhuphula ezweni laseGibithe ngamandla amakhulu nangesandla esiqinileyo na?


Ngiyakushiya insali yefa lami, ngiyinikele esandleni sezitha zayo, ibe yimpango nento ebanjiweyo yazo zonke izitha zayo;


UNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova, uyakhuluma, ubiza umhlaba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo.


Umusa wayo unqamukile njalo yini na? Isithembiso siphelile yini ezizukulwaneni ngezizukulwane na?


Wabapha isinkwa sezinyembezi, wabaphuzisa izinyembezi ngesilinganiso esikhulu.


Awuzukusivusa, sibuye siphile, ukuze abantu bakho bathokoze ngawe, na?


Kepha manje, Jehova, unguBaba; thina siyibumba, wena ungumbumbi wethu, singumsebenzi wesandla sakho sonke.


ngokuba usilahlile nokusilahla, wasithukuthelela kakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite