Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 73:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Umlomo wabo bawuphakamisela ezulwini; ulimi lwabo luhambela emhlabeni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Umlomo wabo bawuphakamisela ezulwini, ulimi lwabo luhamba emhlabeni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Umlomo wabo bawubeke ezulwini, nolimi lwabo luhamba emhlabeni.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 73:9
9 Referans Kwoze  

Savula umlomo waso ukuhlambalaza uNkulunkulu, ukuhlambalaza igama lakhe netabernakele* lakhe, nabo abahlezi ezulwini.


nolimi lungumlilo, ulimi lumi luyizwe lokungalungi phakathi kwezitho zethu, lungcolisa umzimba wonke, luthungela ukuphila konke, luthungelwa yisihogo.


Wathi uFaro: “Ngubani uJehova ukuba ngilalele izwi lakhe, ngimyeke u-Israyeli ukuba ahambe na? Angimazi uJehova, futhi angiyikumvumela u-Israyeli ukuba ahambe.”


Iyakukhuluma amazwi ngoPhezukonke, ikhathaze abangcwele boPhezukonke; iyakuhlosa ukuguqula izikhathi nomthetho; bayakukhashelwa esandleni sayo kuze kube yisikhathi nezikhathi nenxenye yesikhathi.


Manje uma nilungele ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, negenkle, nehabhu,* nomqangala, nogubhu, negemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwa, niwe phansi, nikhuleke esithombeni engisenzileyo, kuhle; kepha uma ningakhuleki, niyakuphonswa ngasona leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo; ngumuphi lowo nkulunkulu oyakunikhulula ezandleni zami na?”


Ngalokho uHezekiya makanganikhohlisi, anganiyengi ngale ndlela, ningakholwa nguye, ngokuba kwakungekho nkulunkulu nakusiphi isizwe noma kumuphi umbuso owayenamandla okophula abantu bakhe esandleni sami nasesandleni sawobaba; kakhulu kangakanani anganophula esandleni sami uNkulunkulu wenu na?”


“Kwaba yisikhathi engavumi; kepha ngasemuva wathi phakathi kwakhe: ‘Nakuba ngingamesabi uNkulunkulu, nginganaki muntu,


Uthanda onke amazwi okubhubhisa wena lulimi lwenkohliso.


Nokho bathi kuNkulunkulu: ‘Suka kithi, asifuni ukwazi izindlela zakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite