Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 73:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngakho-ke iqholo lingumnaka wabo; indluzula ibembesa njengengubo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Ngakho-ke ukuqhosha ngumgexo wabo, indluzula bayembethe njengengubo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngakho ukuziqhenya kubahaqa njengeketanga; ubudlwangudlwangu bubambozile njengengubo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 73:6
25 Referans Kwoze  

Wagqoka ukuthuka njengesambatho, kwangena ezibilinini zakhe njengamanzi, nasemathanjeni akhe njengamafutha.


Ngokunjalo, nina basha, thobelani amalunga; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.


Inkosi yathatha yathi: “Angithi yileli Babele elikhulu engilakhile libe yindlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami, libe ludumo lobukhosi bami, na?”


ngokuba kuyakuba ngumqhele omuhle wekhanda lakho, nemigexo entanyeni yakho.


Isisindo samacici egolide awacelayo sasingamashekeli* ayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa egolide, ngaphandle kwezimbedu ezinjengenyanga, neziqhaza, nezingubo ezibubende ezazembethwe ngamakhosi akwaMidiyani, nangaphandle kwamaketanga ayesezintanyeni zamakamela awo.


Usho kanje uJehova: “Ngabaprofethi abadukisa abantu bami, abathi, bese nakho okokuhlafuna ngamazinyo abo, bamemeze bathi: ‘Ukuthula,’ nongabeki lutho emlonyeni wabo bamlungisele ukulwa.


Ngakuvunulisa ngezivunulo, ngafaka amasongo ezandleni zakho nomnaka entanyeni yakho.


Sizwile ngokuzidla kukaMowabi okukhulu kakhulu, ukuziphakamisa kwakhe, nokuzidla kwakhe, nokuziqhenya kwakhe, nokuzikhukhumeza kwenhliziyo yakhe.


“UMowabi ugciniwe kwasebusheni bakhe, uphumulile enhleseni yakhe, kathululwanga ezitsheni ngezitsha, akayanga ekuthunjweni; ngalokho ukuzwakala kwakhe kuhlala kuye, nephunga lakhe aliguquki.


neziqhaza, namasongo, nezimvakazi,


Ungaphucile inhliziyo yami, dadewethu, makoti wami; ungaphucile inhliziyo yami ngelinye lamehlo akho, ngomgexo munye wentamo yakho.


Ngenxa yokuba ububi obenziwayo bungahlulelwa masinyane, ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu phakathi kwawo zigcwele ukwenza okubi,


Ngokuba badla isinkwa sobubi, baphuza iwayini lobudlwangudlwangu.


Ungabi namhawu ngomuntu oyisidlwangudlwangu, ungakhethi neyodwa yezindlela zakhe,


Abamelene nami mabembeswe amahloni, bagqoke ukujabha njengesambatho.


Emva kwalezo zinto inkosi, u-Ahashiveroshi, yamenza mkhulu uHamani indodana kaHamedatha umAgagi, yamphakamisa, yamisa isihlalo sakhe phezu kwazo zonke izikhulu ezazinayo.


“UJeshuruni wayesekhuluphala, wakhaba; usukhuluphele, uzimukile, uchachambile; wayesemshiya uNkulunkulu owamenza, walidelela iDwala lensindiso yakhe.


UFaro wayesekhumula indandatho yakhe esandleni sakhe, wayifaka esandleni sikaJosefa, wamembathisa izingubo zelineni elicolekileyo, wafaka umnaka wegolide entanyeni yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite