Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 73:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba ngaba nomhawu ngabazidlayo, lapho ngibona ukubusa kwababi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ngaba nomhawu ngabazidlayo, lapho ngibona ababi bephumelela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba ngaba nomhawu ngeziwula lapho ngibona ukuchuma kwababi.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 73:3
14 Referans Kwoze  

Ababi baphilelani, baze babe badala, yebo, bakhule emandleni, na?


Ulungile wena Jehova, noma ngimelana nawe; ngiyakukhuluma nawe ngokwahlulela: iphumelelani indlela yababi, kungani ukuba babe nokuthula abakhohlisa nokukhohlisa, na?


Inhliziyo yakho mayingabi namhawu ngezoni, kepha mawube sekumesabeni uJehova usuku lonke.


Thula phambi kukaJehova, ulindele yena; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu osongoza amacebo amabi.


Ungazikhathazi ngababi, ungabi namhawu ngabenza okungalungile.


Ungabi namhawu ngabantu ababi, ungafisi ukuba nabo.


Niyacabanga yini ukuthi umbhalo usho ngeze ukuthi: “Umoya awuhlalisa kithi unxanela ngokomhawu,” na?


Ungabi namhawu ngomuntu oyisidlwangudlwangu, ungakhethi neyodwa yezindlela zakhe,


Amatende abacindezelayo anokuthula; abathukuthelisayo uNkulunkulu bayalondeka, abaletha unkulunkulu wabo ngezandla zabo.


Abaqotho bayethuswa yilokho; ongenacala uyavukela ongenaNkulunkulu.


UNkulunkulu uyamnika ukuba alondeke, asekelwe; kepha amehlo akhe aphezu kwezindlela zabo.


Izindlela zakhe zithembekile izikhathi zonke; izahlulelo zakho ziphakeme kakhulu kunokubona kwakhe; zonke izitha zakhe uyazidelela.


Konke ngikubonile emihleni yami eyize: kukhona olungileyo obhubhile ekulungeni kwakhe, kukhona nomubi owelula ukuphila kwakhe ebubini bakhe.


Kepha manje siyakuthi babusisiwe abaziqhenyayo; yebo, abenza okubi bayakhiwa; noma bemlinga uNkulunkulu, bayakhululwa.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite