Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 73:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela; nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 Umzimba wami nenhliziyo yami kuyaphela, nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Inyama yami nenhliziyo yami kuyaphela, kepha uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 73:26
21 Referans Kwoze  

Ngosuku engakhala ngalo wangiphendula; wangiqunga isibindi, wangipha amandla emphefumulweni wami.


Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo.


Umphefumulo wami ulangazelela, womela amagceke kaJehova; inhliziyo yami nomzimba wami kuyahuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo.


Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna ekuseni; umphefumulo wami womele wena; inyama yami ilangazelela wena ezweni elomileyo eligagadekileyo, lapho amanzi engekho khona.


Ngikhala kuwe Jehova, ngithi: “Wena uyisiphephelo sami nesabelo sami ezweni labaphilayo.”


UJehova uyisabelo sami, usho umphefumulo wami; ngakho ngiyakwethemba kuye.


Lindela uJehova, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi; yebo, lindela uJehova.


ngazi ukuthi kuseduze ukususwa kwedokodo lami, njengalokho neNkosi yethu uJesu Kristu yangitshengisa;


Ngokuba kimina ukuphila kunguKristu, ukufa kuyinzuzo.


UJehova uyisabelo sami; ngithi ngiyakugcina amazwi akho.


Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile, iziphambeko zami zingificile, angaze ngaba nakubona; ziningi kunezinwele zekhanda lami; inhliziyo yami ingishiyile.


Bheka, uyakungibulala, anginathemba; nokho ngiyakuvikela izindlela zami ebusweni bakhe.


Onqobayo uyakulidla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite