Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 73:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Kepha mina ngiyakube ngikuwe njalo; ungibambile ngesandla sami sokunene.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Kepha mina ngiyakube nginawe njalo, ungibambile ngesandla sami sokunene.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Kodwa mina nginani njalo; ungibambe ngesandla sokunene.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 73:23
14 Referans Kwoze  

Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakho obamba isandla sakho sokunene, nothi kuwe: Ungesabi, mina ngiyakusiza.


Umphefumulo wami ubambelele kuwe; esokunene sakho siyangiphasa.


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”


Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,”


Ngimbeke uJehova njalo phambi kwami, ngokuba ungakwesokunene sami, angiyikuzanyazanyiswa.


Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.


“Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi u-Emanuweli,” okungukuthi ngokuhunyushwa “uNkulunkulu unathi”.


Noma ekhubeka, akayikuwa phansi, ngokuba uJehova uphasa isandla sakhe.


“Bheka inceku yami engiyisekelayo, okhethiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami; nginikele umoya wami phezu kwakhe, uyakukhiphela izizwe ukwahlulela.


ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Ngokuba izingalo zababi ziyakwaphulwa, kepha uJehova uyabaphasa abalungileyo.


Uma bengiyakuyibala, miningi kunesihlabathi; lapho ngivuka, bengiyakuba nawe.


U-Abrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite