Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 73:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kepha mina, izinyawo zami zicishe zakhubeka; kwaba kancane ukuba izinyathelo zami zishelele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Kepha mina izinyawo zami zicishe zakhubeka, kwasala kancane ukuba izinyathelo zami zishibilike.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kepha mina, izinyawo zami sezicishe zamuka; izinyathelo zami zacishe zashelela.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 73:2
15 Referans Kwoze  

Lapho ngithe unyawo lwami luyashelela, umusa wakho, Jehova, wangiphasa.


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kepha ababi bayakuthuliswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakwahlula ngamandla.


Yebo, ukhululile umphefumulo wami ekufeni, amehlo ami ezinyembezini, nezinyawo zami ekuweni.


Ngokuba ngithe: “Funa bajabule ngami, ekusheleleni konyawo lwami bazikhukhumeze ngami.”


Izinyathelo zami zinamathela ezinyaweni zakho, izinyawo zami azisheleli.


Kepha mina ngiyakubuka ubuso bakho ekulungeni, ngisuthe ngesimo sakho ekuvukeni kwami.


Kepha mina ngiyakungena endlini yakho ngobuningi bomusa wakho, ngikhothame ngokukuhlonipha, ngibhekene nendawo yakho engcwele.


“Mina-ke, ukukhala kwami kungomuntu na? Ngingekhathazeke na?


Emcabangweni wohlezi kahle ingozi iyadeleleka; kulungiselwe abazinyawo zabo zishelela.


UDavide wathi kuSolomoni indodana yakhe: “Mina-ke, kwakusenhliziyweni yami ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu.


Futhi nami, makube kude nami ukuba ngone kuJehova ngokuyeka ukunikhulekela; kakhulu ngiyakunifundisa indlela enhle nelungileyo.


Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo besengaphesheya koMfula,* noma onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.”


Kanti ekuguleni kwabo mina ngangembethe ezokuzila; umphefumulo wami ngawuhlupha ngokuzila ukudla; umkhuleko wami wabuyela esifubeni sami.


Ngacishe ngaba sebubini bonke phakathi kwebandla nasemhlanganweni.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite