Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 72:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kuyakuba khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba; ukudla kwalo kuyakuhashazela njengeLebanoni; abemizi bayakukhahlela njengotshani bomhlaba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Makube khona inala yokudla ezweni, esiqongweni sezintaba, ukudla kwalo kuyohashazela njengeLebhanoni, abemizi bayokhahlela njengotshani bomhlaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kuyakuba-khona isamba sikakolweni emhlabeni esiqongweni sezintaba; izithelo zawo ziyakuzamazama njengeLebanoni, nabasemzini bayokhahlela njengotshani bomhlaba.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 72:16
23 Referans Kwoze  

Emva kwalokho ngabona, bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa muntu, sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezinde ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso,


Kepha abaningi kwabezwayo izwi bakholwa; umumo wamadoda waba kungathi izinkulungwane eziyisihlanu.


Ngakho abalamukeleyo izwi lakhe babhapathizwa, kwenezelwa ngalowo muhla abantu kungathi izinkulungwane ezintathu.


Ngaleyo mihla uPetru wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasikhona ndawonye kwakungathi ikhulu namashumi amabili, wathi:


Njengebandla lasezulwini lingenakubalwa, nesihlabathi solwandle singenakulinganiswa, kanjalo ngiyakwandisa inzalo kaDavide inceku yami namaLevi angikhonzayo.’ ”


Luyakukhahlela kahle, luthokoze, yebo, luthokoze, luhube; luyakuphiwa udumo lweLebanoni, nobukhosi beKarmeli nobeSharoni, lubone inkazimulo kaJehova, nobukhosi bukaNkulunkulu wethu.


Nibusisiwe nina enitshala ngasemanzini onke; nikhulula izinyawo zezinkabi nezezimbongolo.


uMoya aze athululwe phezu kwethu evela phezulu, nehlane liphenduke insimu, nensimu ithiwe ihlathi.


Uyakunika imbewu yakho oyakuyihlwanyela emhlabathini imvula, aveze nesinkwa ezithelweni zomhlabathi oyakuvunda, uthele kakhulu; ngalolo suku izinkomo zakho ziyakuklaba emadlelweni abanzi.


Akuseyisikhashana nje iLebanoni lize liphenduke insimu, nensimu ithiwe ihlathi, na?


Iyasutha imithi kaJehova, imisedari* yaseLebanoni ayitshalileyo,


Iyakwehla njengemvula edlelweni, njengesihlambi esimatisa umhlaba.


Ukuqala kwakho sekuyakuba ngokuncane, nokugcina kwakho kube ngokukhulu kakhulu.


Uyakwazi ukuthi inzalo yakho iyakuba nkulu, abantwana bakho babe njengotshani bomhlaba.


OJuda no-Israyeli babe baningi ngangesihlabathi solwandle ngobuningi, bedla, bephuza, bejabula.


Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwe owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite