Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 72:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Onke amakhosi ayakuziwisa phambi kwayo; zonke izizwe ziyakuyikhonza.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Wonke amakhosi ayokhothama phambi kwayo, zonke izizwe ziyikhonze.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Yebo, onke amakhosi ayakuwa phambi kwakhe; zonke izizwe ziyakumkhonza.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 72:11
15 Referans Kwoze  

Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini athi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


Izizwe ozenzileyo ziyakufika zonke, zikhuleke phambi kwakho, Nkosi, zidumise igama lakho.


bayakuletha ubukhosi nodumo lwezizwe.


Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwawo, namakhosi omhlaba aletha kuwo ubukhosi bawo;


Ayakulwa neWundlu, neWundlu liyakuwanqoba, ngokuba liyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi, nabakanye nalo, ababiziweyo, nabakhethiweyo, nabathembekileyo.”


Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho, nguJehova Sebawoti igama lakhe; oNgcwele ka-Israyeli unguMhlengi wakho, uyakubizwa ngokuthi uNkulunkulu womhlaba wonke.


Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo, ukuthi inxenye ka-Israyeli yehlelwe ngubulukhuni, kuze kungene abezizwe ngokupheleleyo;


Usho kanje uJehova, uMhlengi ka-Israyeli noNgcwele wakhe, kodelelwa nokudelelwa noyisinengiso esizweni, koyinceku yababusi, uthi: “Amakhosi ayakubona, asukume, izikhulu zibone, zikhothame ngenxa kaJehova othembekile, oNgcwele ka-Israyeli okukhethileyo.”


Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.


Amanzi ayakugobhoza, aphume ezimbizeni zakhe, imbewu yakhe ibe semanzini amaningi, inkosi yakhe ibe nkulu kuno-Agagi, umbuso wakhe uphakame.


Bayakukhotha uthuli njengenyoka, baphume bethuthumela njengezinto ezinabuzelayo emhlabathini ezindaweni zazo ezivalelweyo, bafike ngokuqhaqhazela kuJehova uNkulunkulu wethu, besabe ngenxa yakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite