Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 71:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ukulunga kwakho, Nkulunkulu, kufinyelele ezulwini; wena owenze izinto ezinkulu, Nkulunkulu, ngubani onjengawe na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Nkulunkulu, ukulunga kwakho kufinyelela ezulwini, Wena owenza izinto ezinkulu. Nkulunkulu, ngubani onjengawe na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Nokulunga kwakho kuphakeme kakhulu, Nkulunkulu, wena owenze izinto ezinkulu; O Nkulunkulu, ubani onjengawe!

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 71:19
20 Referans Kwoze  

Onke amathambo ami azakuthi: “Jehova, ngubani onjengawe, wena okhulula ohluphekayo, yebo, ohluphekayo nompofu komphangayo, na?”


Ngokuba umusa wakho mkhulu kuze kube sezulwini, nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.


“Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu.


Ngokuba uSomandla ungenzele izinto ezinkulu: igama lakhe lingcwele.


Ngubani ongekwesabe, Nkosi yezizwe, ngokuba uyimfanelo yakho, ngokuba phakathi kwabo bonke abahlakaniphileyo bezizwe nakuyo yonke imibuso yabo akakho onjengawe.


“Niyakungifanisa nobani ukuba ngifane naye?” usho oNgcwele.


Niyakumfanisa uNkulunkulu nobani, nimlinganise namuphi umfanekiso, na?


Phakathi kwawonkulunkulu akakho onjengawe Nkosi; akukho okunjengemisebenzi yakho.


Makabongwe uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli, onguye yedwa owenza izimangaliso.


yena owenza izinto ezinkulu ezingaphenyekiyo, izimangaliso ezingenakubalwa,


“Ngubani onjengawe Jehova phakathi kwawonkulunkulu; ngubani onjengawe okhazimula ngobungcwele, owesabeka ngezibongo, owenza izimangaliso, na?


kepha uJehova Sebawoti uphakeme ekwahluleleni, uNkulunkulu oNgcwele ungcwelisiwe ngokulunga.


Kohlakaniphileyo indlela yokuphila iya phezulu ukuba adede endaweni yabafileyo phansi.


Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa; kuphakeme, anginakufinyelela kukho.


Ukuhlakanipha kuphakeme kunesiwula; esangweni asivuli umlomo waso.


‘Nkosi Jehova, uqalile ukubonisa inceku yakho ubukhulu bakho nesandla sakho esinamandla, ngokuba ngumuphi unkulunkulu ezulwini nasemhlabeni ongenza njengemisebenzi yakho nanjengezenzo zakho zamandla na?


Ububele bakho, Nkulunkulu, buyigugu elingaka; abantwana babantu bakhosela ethunzini lamaphiko akho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite