Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 71:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Abamelene nomphefumulo wami mabajabhe, baphele; abangifunela umonakalo mabembathe amahloni nenhlamba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Abamelene nami befuna umphefumulo wami mabajabhe, baphele. Labo abafuna ukungilimaza, mabathelwe ngehlazo, bahlazeke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Mabajabhe, baqedwe abamelene nomphefumulo wami; mabambozwe ihlazo nehlazo abafuna ukungilimaza.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 71:13
12 Referans Kwoze  

Kepha uJehova unami njengeqhawe elesabisayo; ngalokho abangizingelayo bayakukhubeka, bangangahluli; bayakuba namahloni kakhulu, ngokuba abenzanga ngokuhlakanipha, nehlazo labo eliphakade aliyikukhohlakala.


Mabajabhe, babe namahloni bonke abajabula ngokuhlupheka kwami; abazikhukhumeza ngami mabembathiswe ukujabha nendumazo.


Ulimi lwami futhi luzakukhuluma lonke usuku ngokulunga; ngokuba badunyaziwe, bajabhisiwe abangifunela umonakalo.


Abamelene nami mabembeswe amahloni, bagqoke ukujabha njengesambatho.


Mabajabhe, bahlazeke abafuna umphefumulo wami; mababuyiselwe emuva, bajabhiswe abangisongelayo.


Ngokunjalo, nina basha, thobelani amalunga; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.


“Bheka, bonke abafuthekela wena bayakuba namahloni, bajabhe; abamelene nawe bayakuba njengento engelutho, babhubhe.


Izitha zalo ngiyakuzembesa ihlazo, kepha kuyena uqobo umqhele wakhe uyakukhazimula.”


Zonke izitha zami ziyakujabha, zishaywe luvalo; ziyakuhlehla, zijabhe ngokuphazima kweso.


AbaJuda babuthana emizini yabo ezifundeni zonke zenkosi u-Ahashiveroshi ukuba babeke izandla kulabo ababefuna ukubalimaza; akubangakho ongamelana nabo, ngokuba abantu bonke babehlelwe yingebhe ngabo.


Abathi ashila, ashila mababuyele emuva ngenxa yokuhlazeka kwabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite