Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 7:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Isihlangu sami sikuNkulunkulu osindisa abaqotho ngenhliziyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Nkulunkulu, uyisihlangu sami, ungumsindisi woqotho enhliziyweni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Isivikelo sami sikuNkulunkulu, osindisa abaqotho ngenhliziyo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 7:10
15 Referans Kwoze  

Ohamba ekupheleleni uyakusinda, kepha ophambene ngezindlela zakhe uyakuwa kwenye yazo.


Jehova, yenza okuhle kubo abalungileyo nabaqotho ezinhliziyweni zabo.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


Abanhliziyo ephambeneyo bayisinengiso kuJehova, kepha abapheleleyo endleleni yabo bayintokozo kuye.


Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lithi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”


Ngokuba abaqotho bayakuhlala ezweni, abapheleleyo basale kulo.


Inzalo yakhe iyakuba namandla emhlabeni; isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa.


Ngokuba isihlangu sethu singesikaJehova; inkosi yethu ingeyoNgcwele ka-Israyeli.


Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.


uma uhlambulukile, futhi ulungile, khona yena uyakuvuka ngenxa yakho, aphumelelise ikhaya lokulunga kwakho.


“Wena Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.


mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, uthethelele, unike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe zonke, wena owaziyo inhliziyo yakhe ngokuba wena kuphela uyazi izinhliziyo zabantwana babantu


Jehova Sebawoti, mahluleli olungileyo, ovivinya izinso nenhliziyo, mangibone ukuphindisela kwakho kubo, ngokuba ngibonakalisile indaba yami kuwe.


“Mina Jehova ngivivinya inhliziyo, ngihlola izinso ukuba nginike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengezithelo zezenzo zakhe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite