Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 7:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Jehova, Nkulunkulu wami, ngiyaphephela kuwe;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Simakade, Nkulunkulu wami, ngiyaphephela kuwe; ngisindise, ungikhulule kubo bonke abangixoshayo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 IZigayoni kaDavide, ayihubela uJehova ngamazwi kaKushe wakwaBenjamini. Jehova Nkulunkulu wami, ngithembele kuwe; ngikhulule kubo bonke abangizingelayo, ungisindise.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 7:1
29 Referans Kwoze  

Izikhathi zami zisesandleni sakho; ngikhulule esandleni sezitha zami nakwabangizingelayo.


Umkhuleko kaHabakuki umprofethi; ngeShigiyonoti.*


Ngakho abahluphekayo ngokwentando kaNkulunkulu mababeke imiphefumulo yabo kuMdali othembekayo ngokwenza okuhle.


Niyakubalekela esigodini sezintaba zami, ngokuba isigodi sezintaba siyakufinyelela e-Aseli, yebo, niyakubaleka njengalokho nabalekela ukuzamazama komhlaba ngezinsuku zika-Uziya inkosi yakwaJuda; lapho kuzakufika uJehova uNkulunkulu wami nabo bonke abangcwele kanye nawe.


Ngakhuleka kuJehova uNkulunkulu wami, ngavuma ngathi: “O Nkosi, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe,


“Ngimzwile nokumuzwa u-Efrayimi ezidabukela, ethi: ‘Ungishayile, ngashaywa njengethole elingajwayele ijoka; ngibuyise ukuba ngibuye, ngokuba wena unguJehova uNkulunkulu wami.


Kepha uJehova unami njengeqhawe elesabisayo; ngalokho abangizingelayo bayakukhubeka, bangangahluli; bayakuba namahloni kakhulu, ngokuba abenzanga ngokuhlakanipha, nehlazo labo eliphakade aliyikukhohlakala.


Uyazi wena Jehova; ngikhumbule, ngihambele, ungiphindisele kwabangizingelayo; ungangisusi ngokubekezela kwakho; yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwale ihlazo.


Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova? Makalilalele izwi lenceku yakhe ehambile ebumnyameni, ethembile egameni likaJehova, noma ingenakukhanya, yencika kuNkulunkulu wakhe.


Uyakungibiza ngokuthi: ‘UnguBaba, unguNkulunkulu wami nedwala lensindiso yami.’


ngize ngifike kulo i-altare likaNkulunkulu, kuNkulunkulu wenjabulo yokwethaba kwami, ngikudumise ngehabhu,* Nkulunkulu, Nkulunkulu wami.


Omubi unezinhlupheko eziningi, kepha othemba uJehova umusa uyakumphahla.


ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungathuli; Jehova Nkulunkulu wami, ngizakukubonga kuze kube phakade.


Jehova Nkulunkulu wami, ngakhala kuwe, wangiphilisa.


Ngahlulele, Jehova, ngokuba ngihamba ekulungeni kwami; ngithemba uJehova, angiyikuntenga.


Ngokuba wena uyokhela isibani sami; uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami.


Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo.


Kepha ngiwuthembile umusa wakho; inhliziyo yami izakwethaba ngensindiso yakho;


Bheka neno, ungiphendule, Jehova Nkulunkulu wami; khanyisa amehlo ami, ngize ngingalali ubuthongo bokufa,


Ngiyaphephela kuJehova; nisho kanjani kuwo umphefumulo wami ukuthi: “Balekela entabeni yenu njengenyoni, na?


Vuka, Jehova, ungisindise, Nkulunkulu wami, ngokuba zonke izitha zami uzishayile emhlathini, amazinyo ababi uwaphulile.


Kepha abafowethu abakhuphuka nami baqeda amandla enhliziyo yabantu, kodwa mina ngamlandela uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.


enikholwa nguNkulunkulu ngaye, owamvusa kwabafileyo nowamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu kube nethemba kuNkulunkulu.


Nkulunkulu wami, ngiyethemba kuwe; mawungangijabhisi; izitha zami mazingethabi ngami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite