Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 69:36 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 Inzalo yezinceku zakhe iyakulidla ifa; abathanda igama lakhe bayakuhlala kuyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

36 Abantwana bezinceku zakhe bazolidla libe yifa labo, nalabo abathanda igama lakhe bazohlala kulo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

36 Inzalo yezinceku zakhe iyakulidla, futhi abathanda igama lakhe bayohlala kulo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 69:36
13 Referans Kwoze  

Abantwana bezinceku zakho bayakuhlala; inzalo yabo iyakuma phambi kwakho.”


Ngokuba isithembiso ngesenu nesabantwana benu, esabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.”


Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.


Akusoze kwangena lutho olungcolileyo kuwo nowenza amanyala namanga, kuphela abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.


Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.


Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe.


Inzalo yabo iyakwaziwa phakathi kwezizwe, nabantwana babo phakathi kwabantu; bonke abababonayo bayakubavuma ukuthi bayinzalo uJehova ayibusisile.”


Ngenxa yokuba enamathele kimi, ngakho ngiyamkhulula; ngiyamphakamisa ngokuba elazi igama lami.


Yizwani, bazalwane bami abathandekayo. UNkulunkulu akakhethanga yini abampofu ezweni babe ngabacebileyo ekukholweni nezindlalifa zombuso awuthembisa bona abamthandayo na?


ogcwalisa izwi lenceku yakhe, afeze ukululekana kwezithunywa zakhe, oshoyo ngalo iJerusalema, athi: ‘Liyakuba nabantu,’ nangemizi yakwaJuda ukuthi: ‘Iyakwakhiwa, ngibuye ngivuse incithakalo yakhona;’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite