Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 69:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Banginika inyongo ibe ngukudla kwami; ekomeni kwami bangiphuzisa uviniga.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Banginika inyongo ibe ngukudla kwami, ekomeni kwami bangiphuzisa uviniga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Banginika inyongo ukudla kwami; futhi ekomeni kwami bangiphuzisa uviniga.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 69:21
13 Referans Kwoze  

amphuzisa iwayini elixutshwe nenyongo; kepha kuthe elizwa, akathandanga ukuliphuza.


Namabutho ambhinqa, eza kuye, amnika uviniga,


Amnika iwayini elixutshwe nemure;* kepha akalamukelanga.


Masinyane omunye kubo wagijima, wathatha ilula, waligcwalisa ngoviniga, walihloma emhlangeni, wamphusiza.


Wayesegijima omunye, wagcwalisa ilula ngoviniga, walichoma emhlangeni, wamphuzisa, wathi: “Yekani, sibone uma u-Eliya eza ukumehlisa.”


Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubanika laba bantu ukuba badle umhlonyane, baphuze amanzi enyongo.


“Sihlalelani na? Buthanani, singene emizini ebiyelweyo, sibhubhe khona, ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu usibhubhisile, wasiphuzisa amanzi enyongo, ngokuba sonile kuJehova.


funa kube khona phakathi kwenu indoda, noma umfazi, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela namuhla uJehova uNkulunkulu wethu ukuyokhonza onkulunkulu balezo zizwe, kube phakathi kwenu impande ethela inhlungunyembe nomhlonyane;


Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti ngabaprofethi, uthi: “Bheka, ngiyakubanika ukuba badle umhlonyane, baphuze amanzi enyongo, ngokuba ukungabi naNkulunkulu kuphume kubaprofethi, kwaya ezweni lonke.”


Ngase ngibuye ngabona konke ukucindezela okwenziwa phansi kwelanga; bheka izinyembezi zabacindezelwayo; babengenamduduzi. Ohlangothini lwababacindezelayo kwakukhona amandla, kepha bona babengenamduduzi.


Uyakhala nokukhala ebusuku, izinyembezi zawo zisezihlathini zawo; kawunamduduzi phakathi kwazo zonke izithandwa zawo; bonke abangane bawo bawuphathe ngenkohliso, sebe yizitha zawo.


Ukungcola kwalo kwakusemaphethelweni alo, alikhumbulanga ukuphela kwalo; lehlile ngokumangalisayo, alinamduduzi. Bheka, Jehova, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sizikhulisile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite