Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 69:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kodwa mina, umkhuleko wami ukuwe Jehova esikhathini sokuzwelwa, Nkulunkulu; ngenxa yomusa wakho omkhulu ngiphendule eqinisweni lensindiso yakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Kepha mina ngikhuleka kuwe, Simakade. Ngesikhathi esifanele, Nkulunkulu, ngobukhulu bomusa wakho, ngiphendule ngeqiniso lensindiso yakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kepha mina, umkhuleko wami ukuwe Jehova, ngesikhathi esamukelekayo; O Nkulunkulu, ngilalele ngobubele bakho obukhulu, eqinisweni lensindiso yakho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 69:13
24 Referans Kwoze  

ngokuba uthi: “Ngesikhathi esihle ngikuzwile, nangosuku lwensindiso ngakuhlangulisa;” bheka, manje kuyisikhathi esihle kakhulu; bheka, manje kulusuku lwensindiso; –


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngiyakuphendula ngesikhathi somusa, ngosuku lokusindiswa ngiyakusiza; ngiyakukulondoloza, ngikubeke ube yisivumelwano sabantu sokubuyisa izwe nokubenza badle amafa achithekileyo,


Uyakungibiza, ngimphendule; ngiyakuba naye esosizini, ngimkhulule, ngimdumise.


Buza izinsizwa zakho, ziyakukutshela; ngalokho izinsizwa mazithole umusa emehlweni akho, ngokuba sifikile ngosuku oluhle; ake unike izinceku zakho nendodana yakho uDavide okungafunyanwa esandleni sakho.’ ”


owathi ethukwa, akaphindisanga athuke; ehlushwa akasongelanga kepha wakunikela kuye owahlulela ngokulunga;


owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Mfuneni uJehova esenokutholwa, nimbize eseseduze.


yathi: “Makabongwe uJehova, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, ongayekile ukwenzela inkosi yami umusa neqiniso; uJehova ungiholile mina endleleni kuze kube sendlini yabafowabo benkosi yami.”


Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.


Ukhumbulile umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu ka-Israyeli; imikhawulo yonke yomhlaba ibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.


Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho; yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.


Ngakho-ke yilowo nalowo olungileyo makakhuleke kuwe ngesikhathi sokukufumana; impela kuyakuthi lapho amanzi amakhulu ekhukhula, angafinyeleli kuye.


Inkosi yabuye yathi ku-Esteri ngosuku lwesibili lwedili lewayini: “Isicelo sakho siyini, nkosikazi Esteri, na? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na? Kuyakwenziwa kuze kube nenxenye yombuso.”


Inkosi yathi ku-Esteri ngasedilini lewayini: “Isicelo sakho siyini na? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na? Kuyakwenziwa kuze kube nenxenye yombuso.”


Kwathi lapho inkosi ibona u-Esteri inkosikazi emi egcekeni, wafumana umusa emehlweni ayo; inkosi yamelulela u-Esteri intonga yegolide esesandleni sayo. Wayesesondela u-Esteri, wasithinta isihloko sentonga.


ukwenzela okhokho bethu isihawu nokukhumbula isivumelwano sayo esingcwele,


Uyakunika uJakobe ukuthembeka no-Abrahama umusa owakufungela obaba kwasezinsukwini zasendulo.


Bheka ukuhlala kwabo nokuvuka kwabo; ngihaywa yibo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite