Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 68:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Bamukiswa njengokumukiswa komusi; njengokuncibilika kwengcina phambi komlilo ababi bachithwa phambi kukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Njengokuphephuka komusi, nokuncibilika kwengcina phambi komlilo, bachithwa kanjalo ababi phambi kukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Baxosheni njengokupheshulwa komusi; njengokuncibilika kwengcina phambi komlilo, kanjalo ababi mababhubhe phambi kukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 68:2
17 Referans Kwoze  

Izintaba ziyakuncibilika phansi kwakhe, nezigodi ziyakuqhekezeka njengengcina phambi komlilo, njengamanzi athululwe emaweni.


Ngokuba ababi bayakubhubha; izitha zikaJehova zinjengobuhle bamadlelo: ziyakunyamalala, zinyamalale njengentuthu.


Ngalokho bayakuba njengamafu okusa, nanjengamazolo amuka ekuseni, nanjengamakhoba aphephethwa esibuyeni nomusi ophuma ngefasitele.


Ngokuba ububi bushisa njengomlilo, buqeda amakhakhasi nameva, buthungela ezihlahleni zamahlathi, zize zifuquke insika yomusi.


Izintaba zincibilika njengengcina phambi kukaJehova, phambi kweNkosi yomhlaba wonke.


Ushiswe ngumlilo, unqunyiwe; bayakubhubha ngokukhuza kobuso bakho.


njengokuphenjwa komlilo ezinsabeni, nalapho umlilo ubilisa amanzi, ukuze wazise izitha zakho igama lakho, izizwe zithuthumele phambi kwakho.


Wena, yebo, wena uyesabeka; ngubani ongema ebusweni bakho ngesikhathi solaka lwakho na?


Ngichithiwe njengamanzi; onke amathambo ami enyele; inhliziyo yami injengengcina, incibilikile phakathi kwezibilini zami.


Kwathi ekusukeni komphongolo uMose washo wathi: “Vuka, Jehova; mazihlakazeke izitha zakho; abakuzondayo mababaleke ebusweni bakho.”


UJowabe nabantu ababe naye base besondela ukuba balwe nama-Aramu; kepha abaleka phambi kwakhe.


Ama-Aramu abaleka phambi kuka-Israyeli; uDavide wabulala kuma-Aramu izinqola ezingamakhulu ayisikhombisa nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi amane, wamshaya uShobaki induna yempi yabo, wafela khona lapho.


Ngezwi lokuhlokoma abantu bayabaleka; ngokuphakama kwakho izizwe ziyahlakazeka.


Abanamandla bakho bakhukhulelweni na? Abemanga, ngokuba uJehova wabahlohloloza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite